OweTheku webe eyezikhukhula ukuze uthenge izichuse eChina

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ngemuva kwezikhukhula zangonyaka odlule eThekwini, abaholi bakaMasipala weTheku bantshontsha izigidi zemali ebekuhloswe ngazo ukusiza abakhahlanyezwe izikhukhula nokukhokhela abezicishamlilo, kodwa bakhetha ukuthenga izithombe ezibaziwe ezimbili zase-China.

Izithombe ezibaziwe zezingqalabutho ze-ANC uNelson Mandela no-Oliver Tambo zigcine zidle imali engu-R22 million.

Lezi zithombe ezibaziwe zifike kuleli sonto kanti uMasipala weTheku ubungakazi ukuthi uzozibeka kuphi.

Ingxenye yemali okwakuhloswe ngayo ukulungisa imboni yokuhlanza amanzi e-Tongaat yathathwa ukuze kuxhaswe lezi zithombe ezibaziwe.

Amalungu omphakathi kaMasipala weTheku awanamanzi futhi awakwazi nokuthola usizo lwezicishamlilo ngesikhathi. 

Umphakathi wase-Tongaat uhlale izinyanga ungenawo amanzi ngemuva kokuthi amaphampu amanzi ecekelwe phansi izikhukhula zangoMbasa nyakenye.

Umphakathi waselokishini laseNtuzuma ubungenamanzi amasonto amathathu ngenxa yokuthi iphampu yamanzi yacekelwa umlilo ngemuva kokuthi izicishamlilo zingakwazanga ukufika ngesikhathi.

NgoLwesihlanu, ikhansela le-DA e-Tongaat uYagis Govender uthe uMasipala weTheku ngokuyimfihlo wathatha imali engaphezu kuka-R6 million okwakuhloswe ngayo ukulungisa amaphampu amanzi nokuthenga izimoto zezicishamlilo, wasebenzisa le mali ukuthenga lezi zithombe ezibaziwe. 

“Kuyasithusa ukubona lezi zithombe ezibaziwe njengoba singakaze sichazelwe lutho ngazo. Ngemuva kokugunyazwa kwazo ngo-2018 nango-2019 izikhulu azizange zifune ukudalula ukuthi ubani owenza izithombe ezibaziwe.

 Bebelokhu beza emkhandlwini cishe izikhathi ezintathu befuna imali yokwengeza bethi kwenziwa izithombe ezibaziwe phesheya kwezilwandle ngaphandle kokudalula izwe,” kusho uGovender.

UGovender uthe ushaqekile ngesikhathi ezwa ukuthi enye imali yokuxhasa lezi zithombe ezibaziwe iphume kwisabelomali soMnyango wokuhlanza amanzi o-Tongaat.

“Imali yokuqala yalezi zithombe ezibaziwe ngonyaka ka-2019 kwakungu-R11 million, kodwa ngithole ukuthi bathathe imali elinganiselwa ku-R90 000 ebihlelelwe umphakathi wakithi wase-Tongaat endaweni engibekwe kuyo njengekhansela futhi ngathenjwa ngokusiza ukulungisa amaphampu amanzi ngixhase nokunye. 

Baphinde bathatha imali elinganiselwa ku-R6 million obekumele ithengele aboMnyango wezicishamlilo izimoto ezintsha.”

Ngesonto eledlule, izikhulu eziphezulu zaseThekwini ziputshuze izithombe zale mifanekiso ebaziwe kwa-Scrollla.Africa ngesikhathi zifika eThekwini.

Batshele i-Scroll.Africa ukuthi sekunesikhathi eside uMasipala weTheku ufuna ukuchitha lezi zithombe ezibaziwe ngenxa yokushoda kwemali, kodwa i-China yaphikelela ukuthi bakhokhe.

Imithombo isitshele ukuthi lo mbazi wase-China wathembisa ukushisa lezi zithombe ezibaziwe nokuhoxisa isivumelwano, kodwa wakubeka kwacaca ukuthi uMasipala weTheku usazokhokha.

“Yingakho begcine sebetshela i-China ukuthi ayiqhubeke nokuziletha ukuze bagweme ukukhokhela into engazange ifike.

 I-China ibibacindezela.

 Empeleni babili kuphela abantu  base-KZN abakwazi ukwenza imifanekiso yalolu hlobo u-Andries Botha noLungelo Gumede,” kusho umthombo.

Okhulumela iTheku, uNksz Lindiwe Khuzwayo, akazange ayiphendule imibuzo athunyelelwe yona.

NgoLwesithathu uthe lezi zithombe ezibaziwe bezishibhile ingakho bekumele bagcine isivumelwano.

Esithombeni esingenhla: Izithombe ezibaziwe zomfanekiso ka-Oliver Tambo noNelson Mandela e-Durban Habour ngesonto eledlule.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva