Sibonelo Zwane
Umnikazi wendawo yokucima ukoma iMdlalose e-Soweto, lapho okudutshulwe kwabulawa khona abantu abangu-16 ngempelasonto, akafuni ukukhuluma ngalesi sigameko ngoba unovalo lokuthi izinkabi zizobuya zizombulala uma eke wakhuluma.
Ehleli etekisini yohlobo lwe-Toyota Quantum emhlophe ebipake maqondana nethaveni yakhe ngoLwesithathu, ubuke izinto ebezenzeka emzini wakhe.
Uphume emotweni yakhe egqoke ama-ovaroli a-maroon, ikepisi eliluhlaza, nezimbadada. Ubebonakala engakhululekile futhi ubelokhu ekhuluma nomakhelekhukhwini wakhe.
Uye wasinqaba ngokushesha isicelo sethu sokuthi aphawule.
“Angikhulumi namaphepha. Uma ufuna imininingwane khuluma namaphoyisa,” esho.
Unqabile ukukhuluma nabezindaba. Kodwa-ke umuntu oyedwa athululele isifuba sakhe kuye ikhansela lesigceme uMohau Molefe, otshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzifihla ngamabomu emphakathini.
“Unovalo lokuthi owenze lokhu angase abuye azoqedela akuqalile ngoba mhlawumbe naye ubefunwa yilezi zinkabi,” kusho uMolefe.
Njengoba abasolwa abahlanu abenze lesi sigameko besagcwele amathafa, ufunge wagomela ukuthi uzoziqhelelanisa nabezindaba.
“Umnikazi wendawo yokucima ukoma usebuyile KwaZulu-Natal kodwa akakakhululeki ukukhuluma namuntu. Ungitshele ukuthi akananhloso noma akazimisele ukuxoxisana nabezindaba ngokwenzeke ethaveni yakhe ngesonto eledlule,” kuchaza ikhansela lesigceme. .
“Uthe ubesathuthumela futhi uzama ukuqonda okwenzeke ethaveni yakhe.”
UMolefe wengeze ngokuthi umnikazi wethaveni uzovakashela yonke imindeni yezisulu uma isimo sesidambile futhi sesilawuleka, kanti namaphoyisa aphenya amacala.
Uthe inkonzo yesikhumbuzo sabo bonke abashonile izoba ngoLwesine.
Owesifazane obesebenza kule thaveni uchaze obengumphathi wakhe njengendoda ehloniphayo. “Ngisebenze khona izinyanga ezimbili kuphela ngahamba ngezizathu zami,” usho kanje.
Uchaze ukuthi ubesebenzisana kahle nomnikazi wethaveni ngesikhathi esasebenza khona.
“Ungumuntu onomoya ophansi futhi uyabahlonipha abantu yingakho abantu bethanda ukuya ethaveni yakhe.
“Ngiyamzwela ngoba akukaze kube nesigameko sodlame salolu hlobo ethaveni yakhe. Angazi ukuthi yena kanye nayo yonke imindeni ethintekile bazodlula kanjani kulokhu,” esho.
Akekho osaboshiwe ngamacala okubulala kanti amaphoyisa asaphenya.