Lungani Zungu
NgoLwesihlanu olwedlule uThabo Mkhize wenze ihlaya nomndeni wakhe ethi ulwe nababezama ukuduna imoto yakhe.
Kodwa ihlaya livele laphenduka laba yinto engahlekisi.
NgoMsombuluko kudunwe imoto kaThabo wabulawa eFolweni, eningizimu yeTheku.
“Usitshele ngoLwesihlanu ukuthi kukhona abantu abazamile ukumduna, wathi walwa nabo wabanqoba. Ngokuhamba kwesikhathi usitshele ukuthi uyadlala,” kusho udadewabo kaThabo uNomusa.
Bakhathazekile ngenkathi uThabo engabuyi ekhaya ngoMsombuluko.
“Akalona uhlobo lomuntu onyamalalayo engashongo nokuthi uyaphi,” esho.
UThabo, wase-Montclair, utholakale eseshonile enamanxeba okugwazwa esifubeni ehlathini ngumuntu obedlula ngendlela owazise amaphoyisa, athola umkhondo womndeni.
Imoto yakhe egqekeziwe yatholwa eNanda, enyakatho yeTheku, cishe ibanga elingu-60km ukusuka lapho isidumbu sakhe esitholwe khona.
Umndeni wakhe ukholelwa ukuthi umbulali wakhe kungenzeka ukuthi ucele ukugitsheliswa, wase emhlasela wabaleka nge-Toyota Etios yakhe yowezi-2018.
Umfowabo uMusa uthe ubuhlungu ababuzwayo abubekezeleleki.
“Siyathemba futhi siyabathandazela ababulali bakhe ukuthi babukhokhele ubuhlungu abasizwise bona,” esho.
UMusa Xulu oqhamuka ku-Uber Drivers Association uthe abashayeli bama-Uber bayizisulu zobugebengu.
“Sinxusa abashayeli bethu ukuthi baqaphele ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi uma besebenza ebusuku,” esho.
“Ngiyazi ukuthi kunesilingo sokusebenza ebusuku ngenxa yesidingo esikhulu namanani aphezulu kodwa kufanele sibeke ukuphepha kwethu phambili”.
Amaphoyisa aliqinisekisile leli cala futhi athi azingela abasolwa.