Owesilisa waseTsakani uthi intombi yakhe izidubule  ekhanda…kabili!  

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zase-Tsakani eKurhuleni zinxusa amaphoyisa nezinkantolo ukuthi zibeke eqhulwini amacala okuhlukunyezwa ngokobulili nawokubulawa kwabesifazane ukuze kuzothumela umyalezo oshubile kubaphehli bodlame. 

Izakhamizi bezikhuluma emcimbini wokukhanyiswa kwamakhandlela esikhumbulweni sikaDimpho Maqai, okuthiwa uzibulale ngesibhamu sohlobo lwe-9mm sesoka lakhe ngoLwesihlanu. 

NgoLwesibili mhlaka-16 kuNtulikazi, owesifazane oneminyaka engu-37 ubudala wase-Tsakani eKurhuleni utholwe elele ngomhlane eshonile enamanxeba amabili okudutshulwa ekhanda: elinye inxeba beliseduze kwendlebe yangakwesokudla elinye likwesokunxele ekhanda. 

UMaqai kuthiwa ube nengxabano nesoka lakhe, uSibusiso Ntuli, ngemuva kokuthi owayengumyeni wakhe emcele ukuthi abuyele emzini wabo ukuze balungise ubudlelwano babo. 

Okhulumela amaphoyisa aseKurhuleni, uKaputeni Neldah Sekgobela, uthe uphenyo lokwandulela luveze ukuthi isibhamu esisetshenziswe ngesikhathi kwenzeka icala ngesikaNtuli. 

Lesi ngesinye sezibhamu eziyisishiyagalolunye ezinelayisensi nezinhlamvu ezitholwe ezindaweni ezintathu eziphephile ezihlukene egumbini lakhe lokulala. 

Lezi zithandani kuthiwa zithandane iminyaka eminingi ngaphambi kokuba uMaqai ashade, zaphinde zavuselela ubudlelwano bazo ngoZibandlela ngemuva kokuba yena nomyeni wakhe behlukene. 

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa udadewabo kamufi, uMapaseka Mabiletsa, uthe abakufunayo wukuthi uNtuli aboshwe abekwe icala lobudedengu noma elokubulala ukuze aphenywe ngendlela efanele. 

“Ngesikhathi ngikhuluma naye endaweni yesigameko ubenemihuzuko ezingalweni nebhande lakhe ligqashuliwe kodwa wenqaba ukuvuma icala. 

“Ungitshele ukuthi baxabene ngemuva kokuthi emcele ukuthi ahambe kwakhe ngoba enenkinga yemali futhi akasakwazi ukondla yena nezingane zakhe. 

“Uthe ehlezi endlini yokuphumula ephethe okhiye bezindawo ezintathu okuhlala kuzo izibhamu wezwa umsindo wesibhamu nephunga lempushana yesibhamu liphuma ekamelweni.” 

USekgobela uthe amaphoyisa ase-Tsakani aphenya icala lokufa okungekhona okwemvelo, kodwa akekho oseboshiwe.

Osesithombeni ngenhla: UDimpho Maqai. 

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva