Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UHloniphile Matomane waqala ukugunda izinwele ngo-2017 ukuze asize abazali bakhe esafunda esigodini saseCaguba, ePort St Johns.
Yize ebenguLevel 4 kwa-Finance uMatomane akawutholanga umsebenzi kanti usagunda izinwele ukuze akhokhele igilosa nogesi.
UHloniphile Matomane waqala ukugunda izinwele esigodini saseCaguba, ePort St Johns, ngo-2017. Wayesafunda esikoleni esiphakeme futhi wayedinga imali yokusiza abazali bakhe ngalokho okudingekayo esikoleni.
Wayekhokhisa u-R20 wokugunda isitayela no-R15 we-chiskop ngaleso sikhathi. Namuhla ubiza u-R30 ukugunda isitayela no-R20 we-chiskop. Intengo yakhe iphansi ngoba abantu basemakhaya abanayo imali futhi akafuni ukulahlekelwa amakhasimende.
UMatomane waqhubeka nokugunda izinwele ekolishi. Uno-Level 4 kwiFinance kanti wayenethemba lokuthi iziqu zizomsiza athole umsebenzi.
“Kwaumele ngime sengiqede iziqu zami kodwa umsebenzi angikawutholi,” usho kanje.
Uthe ukugunda izinwele kumenza ahlale ematasa futhi kumenza angacabangi kakhulu ngokungawutholi umsebenzi. Usenethemba lokuthi ngelinye ilanga uzowuthola umsebenzi. Okwamanje, ukugunda izinwele kukhokhela igilosa nogesi.
Ngesonto elimatasa, uMatomane uthola amakhasimende angaba ngu-10. Abanye bacela ukukhokha kancane noma bakhokhe kamuva. Uyabavumela kunokuba abaxoshe.
Imali ayihambi kude. UMatomane uthe akanayo imali yokuthenga izingubo. Ugcine ukuthenga izingubo ezintsha ngesikhathi enza i-learnership ayiphothule ngo-2024/2025. Unethemba lokuthi ngelinye ilanga uyothola umsebenzi futhi athenge izingubo eziningi ngokuthanda kwakhe.
Uyonga futhi ukuze athole izincwadi zokushayela. Uthe kuthathe isikhathi eside kunalokho ebesikulindele kodwa usebenzela ukuthi abe nemali ngaphambi kokuthi ilayisensi yakhe yokufunda iphele ngoNhlolanja.
UMatomane ugunda izinwele endlini yomxhaso yelungu lomndeni. Uma ibhizinisi lihamba kancane, usebenza egumbini lakhe ekhaya.
Esithombeni esingenhla: UHloniphile Matomane wasesigodini saseCaguba ePort St Johns uziphilisa ngokugunda abantu izinwele.
Umthombo wesithombe: UHloniphile Matomane
