Lubhalwe nguSbongile Nonyana
- Ikhehla (61) lisolwa ngokudlwengula owesifazane limkhombe ngesibhamu ngemuva kokumgibeza emotweni yalo lithi lizomyisa ekhaya lisuka endaweni yokucima ukoma.
- Umsolwa ubanjwe nesibhamu ngaphansi komqamelo kanti ubhekene necala lokudlwengula.
Kuboshwe ikhehla (61) ngezinsolo zokudlwengula owesifazane (50) ngemuva kokumgibeza emotweni yalo lithi lizomusa ekhaya lisuka endaweni yokucima ukoma e-Limpopo.
Owesilisa, wasesigodini sase-Motantanyane ngaphandle kwase-Lebowakgomo, uthembise ukuhambisa lona wesifazane ekhaya ngeSonto, ngomhlaka-12 kuMasingana, ngabo-9:30 ebusuku.
“Esikhundleni sokuthi umsolwa amyise ekhaya, umsolwa uye waqonda lapho ahlala khona,” kusho okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Limpopo, uBrigadier Hlulani Mashaba, wabe esemkhomba ngesibhamu wamdlwengula.
Ngemuva kokumhlasela, lo wesifazane ukwazile ukubalekela komakhelwane eyocela usizo.
Kubizwe amaphoyisa aqala ukuthungatha umsolwa.
Kamuva bamthola endlini yakhe. Kutholwe isibhamu sethoyizi sifihlwe ngaphansi komqamelo wakhe.
Ekuqaleni, amaphoyisa ebecabanga ukuthi isibhamu sangempela, kodwa ukuhlolisisa kuveze ukuthi empeleni isibhamu sethoyizi.
Umsolwa uboshiwe wathweswa icala lokudlwengula nokukhomba ngesibhamu.
Abantu endaweni manje bakhathazekile ngokuphepha kwabesifazane emphakathini wabo – ikakhulukazi abesifazane asebekhulile okungenzeka babe abagilwa babahlaseli.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa.
Umthombo wesithombe: File