Owesilisa uzinikele emaphoyiseni ngemuva kokubulala abemsola ngokuthandana nomkakhe

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Owesilisa ubulale umgilwa abemsola ukuthi ubethandana nomkakhe ngemuva kokumlanda emzini wakhe esigodini sase-Sofaya.

Ngemuva kokudubula umsolwa uvele waqonda esiteshini samaphoyisa eyozinikela.

Owesilisa wase-Limpopo uye esiteshini samaphoyisa eyozinikela ngemuva kokudubula abulale owesilisa abemsola ngokuthi uthandana nonkosikazi wakhe.

Umsolwa (40) ulande umgilwa emzini wakhe esigodini sase-Sofaya ngemuva kokulwa nonkosikazi wakhe ngalobo budlelwane.

“Izithandani zibe nengxabano mayelana nobudlelwane bazo zase ziya emzini kamgilwa ukuze kuxazululwe lolu daba, nokuyilapho okuqubuke khona ingxabano,” kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Hlulani Mashaba.

Ngesikhathi umgilwa (30) evula umnyango, umsolwa uye wamuldubula. Ushonele khona lapho.

Ngemuva kokuthi abezimo eziphuthumayo beqinisekise ngokushona, lona wesilisa uye esiteshini samaphoyisa e-Maruleng eyozinikela.

Oyisikhulu samaphoyisa e-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe ucele izithandani ukuthi zixazulule izinkinga zazo ngokuthula.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti umsolwa uzovela enkantolo maduze.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa.

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva