Owesilisa uyalelwe ukuthi akhokhele owayengunkosikazi wakhe 

Inkantolo yase-Spain iyalele owesilisa ukuthi akhokhele owayengunkosikazi wakhe imali elinganiselwa ku-R4 million ngomsebenzi wakhe wasendlini awenza iminyaka engu-25.

IJaji uLaura Ruiz Alaminos uyalele owayengumyeni ka-Ivana Moral ukuthi amkhokhele isamba esikhulu sesivumelwano sesehlukaniso, kubika i-Mirror. Le mali ibalwe njengeholo elincane elalizokhokhelwa wonke umsebenzi awenza eminyakeni edlule.

Ijaji lizwile ukuthi u-Ivana uyena owayenza yonke imisebenzi yasekhaya kanye nokunakekela izingane zabo ezimbili.

Isinqumo sesehlukaniso sithi “wayesebenza ekhaya kuphela, okusho ukuthi wayenakekela ikhaya nomndeni”. Isehlukaniso sasisho ukuthi umuntu ugcina izimpahla ezisegameni lakhe, okusho ukuthi u-Ivana wasala engenalutho.

Ekhuluma nomsakazo i-Cadena Ser, u-Ivana uthe owayengumyeni wakhe wenqaba ukumvumela ukuthi asebenze ngaphandle kwasekhaya.

“Ngangizinikele emsebenzini wasendlini kuphela nginakekela umyeni wami nomuzi,” esho. “Wangenza ngathatha indima ethile yemisebenzi yasekhaya okusho ukuthi akukho okunye engangikwenza.”

Inkantolo yase-Velez-Malaga, eningizimu ye-Spain iphinde yakhipha isinqumo sokuthi owayengumyeni ka-Ivana kumele amkhokhele imali yokunakekela izingane nyanga zonke eyodwa engaphansi kweminyaka engu-18 enye eneminyaka engu-18 ubudala.

Iseluleko kubantu besilisa: yabelanani ngemisebenzi yasendlini namakhosikazi wenu ngaphambi kokuthi isikweletu esikhulu sifike etafuleni lakho esikhathini esizayo!

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: Owesifazane ehlanza

Umthombo wesithombe: Pexels

Izihloko zakamuva