Kamogelo Olaitan
Isishoshovu esilwa nobugebengu u-Ian Cameron uvulele uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele icala lokulimaza esiteshini samaphoyisa eGugulethu eKapa.
UCameron, onguMqondisi wezokuPhepha koMphakathi kwi-Action Society, uvule icala lokushaya elenzeke emhlanganweni womphakathi eGugulethu ngoLwesibili lapho ekhishwe khona ngenkani ngamaphoyisa.
Lokhu kwenzeke ngemuva kwengxabano eshubile phakathi kukaCameron noCele mayelana nezinga eliphezulu lobugebengu, ikakhulukazi udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, emalokishini aseGugulethu naseNyanga.
Emhlanganweni obuphakathi kwamaphoyisa, izakhamizi kanye nezinhlangano zomphakathi, uCameron usole uNgqongqoshe ngokwehluleka ukuvikela izakhamizi noma ukutshala izinsiza ezanele ezindaweni ezinobugebengu.
UCameron uphinde wafuna ukuthi uCele asule esikhundleni njengoNgqongqoshe. Lokhu kucasule uCele, otshele uCameron ukuthi “athule”.
UNgqongqoshe uqhube wathi: “Angizange ngijoyine izimpi zamalungelo abantu izolo. Ngeke ngibizwe ngo-garden boy. Ungangihlokolozi. Ngiyiphilile le mpilo. Thula!”
Amaphoyisa abe esekhipha uCameron ngenkani kule ndawo.
UCameron utshele abezindaba, ngemuva kokuvula amacala ngoLwesine ukuthi akukho angakwenza ngaphandle kokuthi avule la macala.
“Kuze kube yinamuhla akukacaci ukuthi kungani, nokuthi kungomyalelo kabani ukuthi amaphoyisa angikhiphe emhlanganweni, bengingeyona ingozi kumuntu. Angikaze ngifise ukuthi umhlangano uphenduke impi yezepolitiki,” esho.
UCameron wengeze ngokuthi i-Action Society igunyazwe ngabasindile kanye nemindeni yezisulu zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane ukuthi ibakhulumele ngesikhathi somhlangano womphakathi.
“UCele usephinde wasebenzisa kabi amaphoyisa ukuze azuze kwezombusazwe nokuthi abe negunya phezu kwabantu,” esho.
Ngemuva kwalesi sigameko, i-Action Society ithe izokhuluma noMvikeli woMphakathi ukuze afake isikhalo ngoCele ngokwehluleka ukusebenza ngobuqotho, nokucekela phansi ukwethembeka kwehhovisi lakhe.
Amaqembu aphikisayo nawo agxeke uCele ngokuvuka ngolaka, akubize ngemizamo yokugwema ukuphendula ezindabeni zamaphoyisa.