Owesilisa uthunjwe walinyazwa eMpumalanga

Dalphine Tagwireyi

Kuthunjwe isishoshovu sase-Delmas eMpumalanga sashaywa kabi ngoba sifuna amathuba alinganayo amabhizinisi ngoLwesithathu.

Lokhu kusishiye sinamanxeba emzimbeni wonke.

UMnu Thabo Mashabela ubeyingxenye yombhikisho obubanjwe umphakathi wase-Delmas emayini i-Mbuyelo Coal ukuyobhikishela ukungalingani.

Ababili abebeqondiwe kule mibhikisho ngosomabhizinisi uHenry Masilela we-Gossa Holdings no-Isaac Mathe ngoba basolwa ngokuthola amathenda ngokungaqondakali kwi-Mbuyelo Coal. Ababhikishi bathi lokhu kushiye abasebenzi abaningi bengasebenzi.

“Sike saba nombhikisho onokuthula lapho esasihambise khona izikhalo zethu emayini i-Mbuyelo siyobuza ukuthi kungani amalungu omphakathi eshiywe ngaphandle ngesikhathi amathuba enikezwa idlanzana elikhethiwe,” kusho uMashabela.

Kodwa-ke ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho uMashabela uye wathunjwa.

“Ngaphoqeleka ukuthi ngingene emotweni bahamba nami ngesikhathi bengishaya ngezibhamu befuna ukwazi ukuthi ubani ongithume ukuthi ngibhikishe.

UMashabela uthe ubesabela impilo yakhe ngakho waqamba amanga kuleli qembu lamadoda ukuthi abaholi bomphakathi abathile bamkhokhele ukuze asuse umbhikisho.

“Ngemuva kokuthi ngibatshele ukuthi angiyena ungqondongqondo, baye baxoxisana base beqala ukuthwebula ividiyo befuna ngiphinde lokho engikushilo ngamalungu omphakathi,” usho kanje.

Kule vidiyo, ebonwe i-Scrolla.Africa, uMasilela uzwakala ecela uMashabela ephindelela ukuthi ageze igama lakhe, ngoba ubengeyona ingxenye yeqembu lezigelekeqe elimthumbile eliphinde lamshaya.

Bobabili uMathe noMasilela bayaphika ukuthi bashaye uMashabela. Bathe likhona icala elivuliwe futhi bona abakwazi ukuphawula.

Laba bobabili basolwa umphakathi ngokugada amasango kanye nokuklomelisa osomabhizinisi ababambisene nabo ngamathuba okuhlinzeka ngemisebenzi emayini.

Omele i-Mbuyelo Coal Mine, uJenny Modise, uthe basalungisa izinkinga futhi bazoba nempendulo eqinile uma sekufinyelelwe esiphethweni.

UKaputeni uHartley wamaphoyisa ase-Delmas uthe kuvulwe icala lokuthumba nelokushaya kanti uphenyo lusaqhubeka.

Izihloko zakamuva