Kamogelo Muvhenzhe
Ubaba owabulala izingane zakhe ezine ngoba esola ukuthi umama wazo uyamkhohlisa ujeziswe yingalo yomthetho ngesigwebo seminyaka eyikhulu asinikwe iNkantolo eNkulu yase-Limpopo e-Polokwane.
Icala lalowo owayengummeli uLucas Phasha selithathe cishe izinyanga ezimbili ngaphambi kokuba iJaji uGerrit Muller akhiphe isinqumo nesigwebo sakhe ngoLwesihlanu.
Efunda isigwebo sakhe, uMuller uthe ubhekelela okwedlule kobugebengu bukaPhasha oneminyaka engama-52 nokuthi ubengaphandle ngepharoli ngesikhathi ebulala izingane zakhe.
Ngowezi-2001, uPhasha walahlwa yicala lokushayela budedengu futhi wakhokha inhlawulo yokuvuma icala. Ngowezi-2002 ulahlwe yicala lokubulala intombazane ayidubula ngesikhathi ecabanga ukuthi intombi yakhe yangaleso sikhathi yayimkhohlisa.
Ubuye walahlwa ngamacala amathathu okuzama ukubulala wagwetshwe iminyaka emihlanu ngecala ngalinye, kanti futhi amacala akhe ayahambisana.
Ngowezi-2006 waphinde waboshelwa ukweba watholwa enecala.
Lo mbulali uzodonsa udilikajele ngamacala okubulala ingane ngayinye ezinganeni zakhe ezine.
Ngesikhathi efunda ukulahlwa yicala komsolwa phambilini, umshushisi woMbuso u-Advocate Mashudu Mudau wathi uPhasha waboshwa wagwetshwa eminyakeni engamashumi amabili edlule ngamacala ahlobene nokubulala futhi akakaze afunde lutho kulokho.
“Manje uneminyaka engama-52 ubudala futhi wenze icala elifanayo. Akasakwazi futhi akasoze abe yilungu lokungenela ukuvuselelwa,” kusho uMudau.
UPhasha wabulala izingane zakhe ezine uKatlego oneminyaka eyi-9, uJoyce oneminyaka eyi-7, uTshepo oneminyaka e-5, kanye no-Adel oneminyaka e-3, esigodini sase-Seokodibeng ngaphandle kwase-Burgersfort ngoNhlolanja odlule.
Wabagenca wababulala abathathu kwathi u-Adel omncane washaywa ngetshe ngaphambi kokuba alahle izidumbu zabo emfuleni oseduze.
Ebuzwa ukuthi ngabe uzoxolisa yini kowayengunkosikazi wakhe ngemuva kokugwetshwa kwakhe, uPhasha uthe ngeke acele ukuxolelwa ngoba unelungelo lokuphikisa isigwebo sakhe.
Owayengunkosikazi wakhe, uSylvia Monyela uthe uyajabula ukuthi ngeke esaphinda abone uPhasha empilweni yakhe.
“Lokhu ngeke kubuyise izingane zami kodwa ukwazi ukuthi ngeke aphinde akhululeke kuyangiduduza. Angisoze ngamxolela ngakwenzile ezinganeni zami,” kusho yena.