Owesilisa  usolwa ngokunqumisa okwembuzi unkosikazi wakhe 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Uthweswe icala lokubulala owesilisa okusolwa ukuthi wanquma unkosikazi wakhe uqhoqhoqho phambi kwezingane zabo ezimbili ezincane.

UNokuthula Motloung (46) utholwe ngabezimo eziphuthumayo eseshonile endaweni yesigameko e-Tsakane, e-EKurhuleni ngoLwesibili.Umndeni kamufi uthi ububekezelela zonke izinhlobo zokuhlukunyezwa nokusongelwa obekwenziwa isoka uThabo Twala.

Lo wesilisa uzamile ukubaleka endaweni yesigameko, kodwa wabanjwa omakhelwane abebethukuthele beveva abazwile uNokuthula ecela usizo.

Indodakazi kaNokuthula, uKarabo Motloung utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umama wakhe washiya uyise eminyakeni emihlanu edlule ngemuva kweminyaka engaphezu kuka-20 ehlukunyezwa. Uphinde wathi uyise ubesehlezi ewuthukuthelele umndeni wakhe.

Emasontweni edlule uyise kuthiwa usabise ngokuthi uzogwaza abulale izingane noma ashise indlu yazo yomxhaso zilele. Kulapho uNokuthula anqume ukuphuma endlini yakhe ayohlala nesoka lakhe elisha ukuze aphephe.

“Besimesaba ngoba besazi ukuthi angakwazi ukufeza izinsongo zakhe. NgoMsombuluko ngesikhathi ephuma emsebenzini usitshele ukuthi uzombheka umama waze wathola lapho ehlala khona wabe esembulala,” kuqhuba uKarabo.

Uqhube wathi bamncengile ukuthi angambulali unina, kodwa umsolwa ubengezwa lutho abalukhulumayo.

Noma nini uma ezosibheka, abafowethu abadala bekudingeka bamphelezele ukuze baqiniseke ukuthi uphephile. Kodwa ngoLwesibili ubesele nezingane zakwethu ezimbili, eneminyaka eyisishiyagalombili neyisithupha.”

Kusolwa ukuthi umsolwa walandela uNokuthula kubo kwesoka lakhe elisha.

NgoLwesithathu iNkantolo yeMantshi yase-Tsakani ithole ukuthi umsolwa uke wabhekana namacala phambilini okubalwa nawokubulala kodwa  ahoxiswa  ngenxa yokushoda kobufakazi.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani, uSayitsheni Lerato Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi kuphenywa icala lokubulala. “Umsolwa usihoxisile isicelo sakhe sebheyili futhi ugcinwe esitokisini samaphoyisa.”

Icala lihlehliselwe umhlaka-21 kuZibandlela. 

Isithombe esingenhla ngesikaThabo Twala noNokuthula Motloung

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva