Owesilisa usindise umfana (9) ezohlaselwa isixuku

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ilungu lomphakathi lihlenge umfana oneminyaka eyisishiyagalolunye wase-Alexandra ngemuva kokubanjwa isixuku simsola ngokweba omakhalekhukhwini. Isixuku esithukuthele besilungele ukumfundisa isifundo ngesikhathi owesilisa emhlwitha ngokushesha.

Iqhawe, u-Aaron Malepe, ongusihlalo we-Community Policing Forum (CPF) e-Bramley, uthe abasebasha babambe lo mfana e-Alexandra eVezinyawo, eseduze nemijondolo yase-Stjwetla – indawo eyaziwa ngesixuku esithatha umthetho ezandleni uma kunenkinga.

Indawo yase-Stjwetla iyingxenye ye-Alexandra engaphansi kwamaphoyisa e-SAPS eBramley.

UMalepe uvele wamangala ngesikhathi ehambisa umfana esiteshini samaphoyisa e-Bramley lapho amaphoyisa emtshela ukuthi lo mfana ungumuntu ojwayelekile esiteshini futhi uyaziwa ngokweba emphakathini. 

“Amaphoyisa awethukanga nakancane.  Bangitshele ukuthi bekungaqali ukuthi umfana alethwe esiteshini ngemuva kokusolwa ngokweba.”

Egqoke isikibha esinombala o-melon esibhalwe amagama athi “again and again”, ezinye izakhamuzi bezizibuza mayelana nombhalo wesikibha sakhe. 

UMalepe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi utshelwe ngusingayise (step father) womfana ukuthi umfana usesiyekile isikole. 

“Ngesikhathi ngiya lapho ehlala khona ngifice usingayise kuphela. Unina ubengekho,” usho kanje.

UMalepe uthe iqulu labantu, okuhlanganisa nedlanzana labantu abasha abanye babo abebedakiwe bebefuna ukushaya lo mfana.

Esithombeni ngenhla: Umfana ohlengwe yilungu le-CPF lase-Bramley.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva