Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
UTilo Steven Nakeli njengoba igama lakhe livela kumazisi wakhe obushile, ushonele endaweni yesigameko ngemuva kokushokhwa ugesi ngoLwesibili eRoodepoort.
Izikhulu ze-City Power eGoli zithole umazisi ngemuva kokuklebhuka kwezingubo zakhe emzimbeni ngenxa yokushokhwa ugesi.
Okhulumela i-City Power, u-Isaac Mangena uthe abasebenzi base-City Power bathole isidumbu sowesilisa sishile engasabonakali esiteshini i-Mechanical Switching ngesikhathi beyosebenza. Lolu daba lusaphenywa.
UMangena uthe ithimba lisebenza kanzima ukubuyisela ugesi kubantu eRoodepoort ngenxa yokulimala okudalwe umonakalo omkhulu eziteshini zikagesi.
“Lokhu kulandela ukuzama ukweba nokucekela phansi impahla esiteshini lapho umsolwa naye eshone khona,” kusho uMangena.
“Ukulimala kwengqalasizinda kuholele ekutheni iCity Power inqume ukuthuthela esiteshini iSentraal lapho abantu abathintekile bezohlinzekwa khona ngogesi.”
Uthe ngoLwesithathu, ngemuva kokuthi uMnyango wezabaSebenzi uvule le ndawo, inkampani kagesi yeDolobha iqale ukusebenza yafaka amakhebuli angu-11, ama-ring main units (RMU) amahlanu namajoyinti angu-19, kanye nama-termination points.
“Ngenxa yomsebenzi omkhulu, inkampani ilinganisela ukuthi izophothula umsebenzi futhi ibuyisele ukuhlinzekwa kwagesi ngoLwesihlanu.
“ICity Power ilindele ukuqala ngokuhlola phakathi nosuku. Ngokwenza lokhu ukubuyiselwa kukagesi kuzothinteka,” engeza.
Uthe ukuphazamiseka kukagesi kushiye izakhamuzi zaseFlorida Lake, eHamberg, eCreswell Park, eGeorginia South, eRand Leases, e-Esperanza, eFlorida Lake Park, eVogelstruisfontein naseRand Leases zingenawo ugesi. Uthe iCity Power izibophezele ekubuyiseleni ugesi ngokushesha.
UMangena uthe inkampani ephehla ugesi yakuleya ndawo inxusa imiphakathi ukuthi ibambisane nayo ekulweni nobugebengu obuhlobene nogesi obuphazamisa ukuhlinzekwa kukagesi njengalokhu.
Esithombeni esingenhla: Umazisi oshile otholwe ebhulukweni lowesilisa oshone ngemuva kokushokhwa ugesi eRoodepoort.
Umthombo wesithombe: U-Isaac Mangena/City Power