Owesilisa ushaywe ugesi washona

Everson Luhanga

U-Anele Buthelezi uye wasala ngemuva isikhashana kulandela ukuthi yena nomfowabo uShane Siganunu benqume ukuphuma baye empompini womphakathi beyophuza amanzi.

UShane (25), uye washaywa ugesi ngesikhathi encika ezitebhisini zensimbi zikamakhelwane wakhe eduze kompompi. Ngemuva kwemizuzwana uye wawa washona.

“Ngesikhathi ngimthinta ngiye ngashaywa ugesi. Ngibe sengibona ukuthi ushaywe ugesi ngase ngisebenzisa ijezi lami ukumsusa lapho ebesimi khona,” kusho u-Anele etshela i-Scrolla.Africa.

Ngemuva kokuthi uShane awe phansi, u-Anele uye wamemeza iqulu labantu ebelimi eduze kwegceke ukuthi limsize ukuba ayise umfowabo esibhedlela. Kodwa ngaleso sikhathi ubesazi ukuthi impilo kamfowabo ibingeke isahlengeka.

“Ngithe ngisalinde imoto ngibone umfowethu edonsa umoya ngemuva kwalokho akabange esaphefumula. Nakuba bengazi ukuthi ushonile, ngiye nganxenxa wonke umuntu ukuthi bamphuthumise esibhedlela sase-Edenvale ngethemba lokuthi odokotela bazobuyisa impilo yakhe.”

Uthe udadewabo omhambise esibhedlela ngemoto yakhe. Kodwa ngokudabukisayo, kuthiwe uShane ushonile ngesikhathi efika.

U-Anele uthe ukube akabonanga ukuthi umfowabo ushaywe ugesi ngemuva kokumthinta ngabe naye ushonile.

“Ngicishe ngafa nomfowethu… bengingazi ukuthi ushaywe ugesi. Ngimbukile edonsa umoya wakhe okokugcina.”

UMnu Elvis Mhlongo ongumnikazi wale ndlu enezitezi ezimbili, uthe uqale ukuzwa ngogesi ogijima ezitebhisini zakhe zensimbi ngoMgqibelo nangeSonto ezinganeni ebezidlala.

“Angazi ukuthi ugesi ufika kanjani ensimbini,” kusho u-Elvis.

Uthe ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesibili kufike izikhulu ze-City Power zacisha ugesi endlini yakhe.

“Bangitshele ukuthi ngibize ochwepheshe abazi ngogesi ukuze bahlole indlu futhi bafake izintambo eziphephile indlu yonke.”

Okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena usiqinisekisile lesi sigameko.

“Ochwepheshe bethu bahlole indawo yesigameko bathola ukuthi izitebhisi nezinsimbi endlini okuhlanganisa nophahla kunogesi ohambayo ongu-220v.

“Sisola ukuthi indlu ifakwe izinyokanyoka ngaphakathi ezingenazo izintambo zokuvikela ugesi ukuthi udlulele kubantu. Sinqamule ugesi endlini,” kusho uMangena.

Uthe abahlala egcekeni bathi izingane zikhale ngokushaywa ugesi ngempelasonto, kodwa abantu abadala abazange bakuthathele phezulu lokho.

Scrolla World Cup Quiz