Everson Luhanga
Izimpama ezishisayo, amatshe, izinhlamvu namabhodlela kabhiya andize kusivimbamgwaqo samaphoyisa e-Diepsloot Extension 5 lapho uBanele Showe eshaywe khona iphoyisa.
UBanele oneminyaka engama-27, wase-Diepsloot Extension 4, umiswe kusivimbamgwagqo kwathiwa akahlehlise imoto yakhe.
UBanele, osebenza njengomthuthi wezimpahla, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bekunezimoto ngemuva kwakhe futhi ubengeke akwazi ukukwenza lokho.
Uqhube wathi la maphoyisa amabili abehamba ngemoto okungasiyo yomsebenzi futhi ebengawugqokile umfaniswano.
“Ngithe ngisaxoxa namaphoyisa amabili kuqhamuka elinye iphoyisa liphuma evenini eyi-double cab liza ngakithi futhi ngaphandle kokunginika ithuba lokuchaza livele langishaya ngempama.
“Amanye amaphoyisa amabili angibukile ngikhala ngisezinhlungwini zokushaywa uzakwabo futhi awenzanga lutho,” kusho uBanele.
Uthe ungeniswe ngemuva evenini.
Abanye abesilisa abathathu abebethwebula izithombe namavidiyo esigameko nabo bashayiwe, kusho uBanele.
“La madoda amathathu aziphindiselele ngokujikijela amaphoyisa ngamabhodlela kabhiya namatshe. Iphoyisa ebelingishaya liqhumise isibhamu salo emoyeni lacosha igobolondo lenhlamvu ngokushesha lalifaka ephaketheni lalo,” esho.
UBanele uthe ukhishwe evenini yamaphoyisa kwathiwa akashayele aye esiteshini samaphoyisa ehamba elandelana namaphoyisa. “Bengiwahola phambili ngesikhathi bengilandela ngemuva.
“Ngenkathi sifika esiteshini kuthiwe angihambe ngoba lolu daba luzoba inkinga enkulu kubona.
“Kodwa ngesikhathi bethi angihambe, bengingezwa endlebeni yami yangakwesobunxele. Bengopha,” esho.
UBanele uthe uphila nezinhlungu ezingapheli endlebeni yangakwesobunxele.
Uvulele amaphoyisa icala lokushaya.
Okhulumela amaphoyisa ase-Diepsloot, uKaputeni Tinyiko Maluleke, ukuqinisekisile ukuthi icala livulelwe omunye wozakwabo esiteshini. Idokodo lisaphethwe ngabe-Independent Police Investigative Directorate (i-IPID).