Owesilisa usexolise kunkosikazi ngokubonakala eshela enye intombi kwi-TV

Lubhalwe nguFriday Omosola

Owesilisa wase-Ivory Coast ohlonzwe ngelika-Anselme Santos usexolisile kunkosikazi nezingane zakhe ngokucela inombolo yocingo kowesifazane wase-Senegal ngesikhathi kudlala umdlalo we-Afcon bukhoma kumabonakude.

Isithombe sika-Santos nentokazi yase-Senegal elingadalulwanga igama sisabalele ngomhlaka-29 kuMasingana ngemuva komdlalo womzuliswano wamaqembu angu-16 obuphakathi kompetha ababevikela isicoco i-Senegal nezwe elisingethe umdlalo i-Ivory Coast.

Izithombe namavidiyo zisabalale ngokushesha ngemuva komdlalo.

USantos uxolise esidlangalaleni ngesikhathi evela nomkakhe ngoLwesithathu ohlelweni oludumile lwase-Ivorian, i-Sly de Sly Show.

Ngokombiko we-Actu Foot on X, uSantos ulivumile iphutha lakhe lokuzama ukunxenxa le ntokazi. Uzwakalise ukuzisola nganoma yikuphi ukucindezeleka okubhekane nomkakhe nezingane zakhe.

“Ngamcela inombolo yakhe ngoba besikhuluma ngaphambi komdlalo nangesikhathi somdlalo. Ngixolisile kwintokazi ekuvidiyo ngayitshela ukuthi ayinginike inombolo yayo kodwa yanqaba ngakho-ke, angizange ngiphikelele. Ngifuna ukuthatha leli thuba ngixolise kwintokazi, umkami, nezingane zami,” ucashunwe esho kanje ku-Actu Foot.

Izimo ezifuze lesi esenzeke kuSantos zenzeka kaningi kunalokho esikucabanga ngesikhathi semidlalo yebhola.

I-Ivory Coast ihlulwe ngamagoli amane eqandeni ekhaya ibhekene ne-Equatorial Guinea emdlalweni wabo wesithathu wamaqoqo.

I-Ivory Coast ihlule i-Senegal ngamagoli amahlanu kwamane sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 enkundleni i-Charles Konan Banny. bazobhekana ne-Mali kuma-quarterfinal kulo mqhudelwano oqhubekayo.

Isithombe esingenhla: Umlandeli wase-Ivory Coast uvele ehlekisana nentokazi yase-Senegal kumabonakude .

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva