Abanye abantu bengenza noma yini ukuze bangayi emsebenzini – kodwa owesilisa esifundazweni saseMelika e-Arizona wenze ngokweqile ngesikhathi ezibopha enza sengathi uthunjiwe.
Uphinde waqamba amanga ngodaba lwengcebo efihlwe ehlane.
Iphephandaba i-The New York Times libike ukuthi, ngemuva kokuphendula ucingo, amaphoyisa athole lo mlisa, okutholakale ukuthi nguBrandon Soules oneminyaka eyi-19 ubudala, eboshwe izandla ngebhande kanye neduku “lifakwe emlonyeni wakhe”.
USoules utshele amaphoyisa ukuthi ubethunjwe ngamadoda amabili abezifihle ubuso amshaya emuva kwekhanda waquleka.
Utshele abaphenyi ukuthi ubethunjiwe ngoba ubaba wakhe unemali enkulu efihlwe ehlane.
Amarekhodi asesibhedlela akhombisa ukuthi uSoules akanankinga futhi akalimele ekhanda kanti neselula ibingakhombisi imiyalezo noma izingcingo azichazayo.
Ekugcineni, uSoules uvumile ukuthi uqamba amanga ngalolu daba. Uboshiwe wabekwa icala lokubika okungelona iqiniso, kusho isitatimende samaphoyisa.
Ngokubika kwe-Times, uSoules ubesebenza esitolo sezimoto, i-Tire Factory, lapho abefaka khona amathayi aphinde azulazule elanda izingxenye zezinto zase sitolo. Ngokusho kwe-profile kaSoules ku-Facebook, akasasebenzi lapho.
Isithombe: nytime.com