Owesilisa uminze eyogezwa iSangoma emfuleni

Lungani Zungu

Isiko lokuhlanza liphenduke laba libi ngesikhathi owesilisa egwiliza ngenkhathi inyanga imubambe ngaphansi kwamanzi emfuleni ose-Njisuthi Gorge e-Drakensberg ngoLwesibili ebusuku.

Isidumbu sikaThabani Mkhize oneminyaka engama-43 asikakatholakali.

Inyanga eyaziwa ngoNdlovu yenqabile ukukhuluma nabakwa-Scrolla.Africa.

Umfowabo kaMkhize uMuzi uthe abafuni ukukhomba omunye umuntu ngeminwe ngokucwila komfowabo kulesi sigaba.

“Esigxile kukho njengamanje wukuthola isidumbu sakhe. Futhi asazi okwamanje ukuthi ushonile noma uyaphila,” kusho uMuzi.

“Abantu abaningi bayanyamalala ngaphansi kwamanzi kodwa babuyele emindenini yabo ngokuhamba kwesikhathi.”

UMkhize unezingane ezine.

Ilungu lomndeni lithe uMkhize ubatshele ukuthi uzovakashela isangoma ukuyozihlanza ngemuva kokuba intombi yakhe yeminyaka emihlanu iphuphunyelwe isisu, nokuyinto ejwayelekile esikweni lakaZulu.

Leli lungu lithe ngesikhathi uMkhize egwiliza umelaphi wendabuko weqa waphuma emhosheni.

Ube esazisa umndeni ngengozi kaMkhize futhi umndeni watshela amaphoyisa.

Umndeni ugcizelela ukuthi abanye abantu banyamalala amashumi eminyaka babuye bephila.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule kuminze abantu ababili ngesikhathi benza isiko elithile.

Amaphoyisa esifundazwe ayiqinisekisile le ngozi athi kusathungathwa izindlela zokusesha.

Izihloko zakamuva