Owesilisa ulunywe ingwenya kweyokucima ukoma

Owesilisa (23) obephuza nabangani bakhe ekuseni ngeSonto ulunywe ingalo ingwenya engamamitha angu-10.5 ubude.

Isigameko senzeke e-Port Charlotte, e-Florida.

Ngokusho kofakazi isisulu besimi eduze kwechibi eliseduze kwase-Banditos Bar ngesikhathi lesi silwane esihuquzelayo simgxumela simuluma ngamazinyo aso abukhali siphinde simdonsela emanzini.

Abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko ngemuva kwezingcingo zabantu becela usizo ngabo-01.42 ekuseni.

UManny Hidalgo obengaphakathi endaweni yokucima ukoma uvele waphuma wagijima.

Ehlome ngethoshi lomakhalekhukhwini wakhe uye wathola isisulu ebesibhukuda sibheke ngasogwini. UHidalgo uye wamdonsela esihlabathini wabeka impilo yakhe engozini ukuze asindise impilo yomuntu angamazi.

UHidalgo uthe: “bengisaba ukusondela emanzini ngoba bekumnyama.

Owesilisa olimele uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze e-Fort Myers ngendiza enophephela emhlane lapho odokotela abenze khona isinqumo sokunqamula ingalo yakhe ngenhloso yokusindisa impilo yakhe, kubika i-Insider.

Nakuba izimo eziholele ekutheni ahlaselwe ingwenya zingakacaci ochwepheshe basikisela ukuthi izingwenya zingaba nolaka kakhulu phakathi nenkathi yazo yokukhwelana eqala ngoMbasa kuya kuNhlangulana.

I-Florida Fish and Wildlife Conservation Commission enesibopho sokusingatha izigameko ezinjengalezi iqinisekise ukuthi umcuphi onelayisensi ubizelwe endaweni yesigameko ukuze akhiphe ingwenya. Lesi silwane esihuquzelayo siye sabulawa ukuze kuqinisekiswe ukuphepha komphakathi.

NgoZibandlela nyakenye le khomishana iye yabika ukuthi amathuba okuthi isakhamuzi silinyazwe ingwenya kanzima sisodwa kwezingu-3.1 million.

Kodwa-ke, izigameko zakamuva ziye zaveza isidingo sokuqapha. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule isalukazi (85) silahlekelwe impilo yaso ngesikhathi sizama ukuhlenga inja yaso ebilunywa ingwenya emphakathini wase-Florida.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Ingwenya

Izihloko zakamuva