Moyahabo Mabeba
Owesilisa uzivumele yena icala lokuthumba nokubulala abesifazane abayishumi elokishini i-Seshego e-Limpopo ngoMgqibelo.
Ngemuva kokuboshwa e-Polokwane ngomhla zingama-29 kuMfumfu, umsolwa uvele enkantolo yemantshi yase-Seshego ngoLwesihlanu olwedlule ebhekene namacala amane okuthumba, ukweqa esitokisini esisemthethweni, kanye nokweba.
Kodwa umsolwa usezivumele yena icala lokubulala abesifazane abalinganiselwa kwabayishumi, ngokusho kukaVincent Kunutu, usihlalo we-Seshego Community Against Gangsterism and Crime.
“Lo mlisa usehambise amaphoyisa ezigcawini lapho elahle khona izisulu zakhe. Izidumbu zabo zitholakale sezibolile,” kusho uKunutu.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa nokuthi uphenyo lokuthumba nokubulawa kwazo zonke izisulu eziyishumi luyaqhubeka.
Umsolwa ungowase-Matabeland eNingizimu nentshonalanga ye-Zimbabwe kanti ubeqashisa amagumbi e-Seshego zone 3 nase-extension 73 emaphethelweni ase-Polokwane.
Yize ethi akasiqondi iSepedi, kodwa uchazwe njengomuntu obekhuluma kahle eheha izisulu zakhe ngokubathembisa imisebenzi ezindaweni ezidayisa izinkukhu ezithosiwe.
Izisulu zokuqala kuthiwa zaduka ngoNhlolanja kuqala unyaka, kwathi owakamuva kwaba nguMpho Senyatsi owayeneminyaka engama-35 owanyamalala emasontweni amathathu edlule.
Umndeni kaSenyatsi uthe wesaba okubi kakhulu ngemuva kokutholakala kwezingubo zakhe egunjini eliqashwe umsolwa e-Seshego zone 3.
Indodana yakhe uKagiso uthe umama wakhe wajabula ngesikhathi ummangalelwa emthembisa umsebenzi ngoba usenesikhathi eside engasebenzi.
“Ngemuva kosuku lo mlisa ehambile nomama ngazama ukumbheka, kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Ngemuva kwemizuzu embalwa, kwaphendula owesilisa ocingweni wangitshela ukuthi umama usematasa,” kusho uKagiso.
“Ngokuhamba kwesikhathi ucingo beluhlale lungena ku-voicemail sanquma ukuyombheka lapho asebenza khona. Sithe sifika sathola ukuthi indawo ayisasebenzi. Lokho kwasikhathaza kakhulu futhi sanquma ukuvula icala lomuntu olahlekile.”
UKagiso uthe ukutholakala kwezingubo zikanina manje kubashiye bekhathazeke kakhulu.