Owesilisa ulimaze umfana (7) ngocelemba ngenxa yengxabano nonina 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Usale nemithungo emihlanu entanyeni umfana (7) waseGosani village eWillowvale, e-Eastern Cape, ngemuva kokuklajwa ngocelemba ojikijelwe umlisa oneminyaka engu-41 ubudala.

UMelikhaya Mashiqi, onguyise kaSikho Booi, uthe indodana yakhe ibidlala nabangani bayo ngesikhathi ihlaselwa owesilisa obecabanga ukuthi imzwile elwa nonina”. 

Ngesikhathi umsolwa egijima ebheke ezinganeni ezethukile zibona ucelemba, zibaleke ngezindleleni ezahlukene.

“Ngemuva kokubona ukuthi ngeke akwazi ukubabamba, uvele wajikijela ucelemba, washaya ingane yami entanyeni. Wacishe wambulala. Singumndeni sishaqekile silimele futhi sithukuthele ukuthi kungani ethathe isinqumo sokuhlasela izingane ebezidlala ibhola,” kusho uMashiqi.

“Isigameko senzeke ngoLwesibili ngesonto eledlule, indodana yami igcinwe esibhedlela kwaze kwaba uLwesine. Izingane zethu kumele zidlale kuphi uma zihlaselwa abantu abadala okumele bazivikele? 

“Ubezothini ukube indodana yami ishonile? Kumele abolele ejele. Akwenzile kukhombisa ukuthi uyingozi emphakathini, nezingane zethu aziphephile.” 

Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa, uthe kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza eSAPS yase-Willowvale ukuze kuphenywe.

Owesilisa (41) uboshwe ngeSonto ngomhlaka-16 kuNhlangulana. Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseWillowvale ngoLwesibili mhlaka-18 kuNhlangulana.

Esithombeni esingenhla: USikho Booi usale nemithungo emihlanu entanyeni ngemuva kokujikijelwa ngocelemba yindoda eneminyaka engu-41 ubudala.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva