Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Owesilisa wakwaLanga eKapa, ukhala ngokunqatshelwa ukusebenzisa ilungelo lakhe lokuvulela abahlaseli bakhe icala.
Isisulu esingathandanga ukudalulwa igama laso, kuthiwa sishawe abangani baso ngemuva kokungaboni ngaso linye ngotshwala.
Uphaphame esibhedlela ubuso buvuvukele futhi akakhumbuli lutho ngokuhlaselwa kwakhe.
Efuna ubulungiswa uye esiteshini samaphoyisa kwaLanga eyovulela abahlaseli bakhe icala. Kodwa uthi iphoyisa limnqabele ukusebenzisa leli lungelo ngokumbuza ukuthi akaphuzile yini futhi laphakamisa ukuthi alethe ummangalelwa ukuze axazulule lolu daba.
“Kungimangazile ukuthi iphoyisa liphakamise into efana nalena, njengoba ngivuvukele ebusweni ngingakwazi nokukhuluma kahle,” kusho isisulu.
Uthe ukholwa ukuthi ukube amaphoyisa enze umsebenzi wawo ngendlela, ubengeke abhekane nokugconwa ngabahlaseli bemchukuluza njalo.
“Ngifisa sengathi amalungu ethu e-SAPS angawuthathela phezulu umsebenzi wawo. Izisulu eziningi aziwavuli amacala, ngenxa yempatho embi eziyithola emaphoyiseni.”
Amaphoyisa alawulwa umthetho ukuthi asize izisulu ekuvuleni amacala kanye nokuthathela abenzi bobubi izinyathelo.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uKaputeni Frederick van Wyk uthe bazothathelwa izinyathelo ezifanele uma lezi zinsolo ziyiqiniso.
“Ummangali uyagqugquzelwa ukuthi ayokhalaza kubaphathi bamaphoyisa noma e-Ipid ukuze kuphenywe ngezimangalo zakhe,” kusho uVan Wyk.
Isithombe esingenhla: Isiteshi samaphoyisa sakwaLanga
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze