Lubhalwe nguSbongile Nonyana
UNtsieni Motelo usuke e-Mshongoville, e-Atteridgeville ngoLwesibili ngomhlaka-23 kuNtulikazi eyofuna umsebenzi e-Germiston futhi akakaze abonakale kusukela lapho.
Umndeni wakhe okhungathekile uyamfuna.
Kuthiwa kukhona obemthembise umsebenzi wokuba unogada e-Germiston.
Umfowabo omdala, uTakalani Motelo uthe ngesikhathi uNtsieni (29) eya e-Germiston, akazange atshele umndeni ukuthi uyaphi nokuthi uyokwenzani.
“Ngithe uma ngibuza umngani wakhe ukuthi kungani eye e-Germiston, ungitshele ukuthi kukhona omthembise umsebenzi. Umfowethu ubesebenza njengonogada phambilini, kodwa inkontileka yakhe yanqanyulwa.
“Ungumuntu ozimele, futhi ubengajwayele ukukhuluma kakhulu ngezindaba zakhe, kodwa bengibona ukuthi uwudinga kakhulu umsebenzi,” kusho uTakalani.
“Kusukela ngoLwesibili ngesonto eledlule besilokhu sizama ukumshayela ucingo kodwa ucingo lwakhe beluvaliwe. Sivele sakhathazeka ngoba uhlezi ebamba ucingo lwakhe uma simshayela. Sikhathazeke kakhulu ngokuthi kungenzeka ukuthi ube sengozini futhi angase adinge usizo lwethu.
“Umama wethu akazithathanga kahle lezi zindaba, nokuduka kukamfowethu kusiphathe kabi sonke,” kusho uTakalani.
Umndeni uvule icala lomuntu olahlekile esiteshini samaphoyisa e-Atteridgeville.
NgoLwesihlanu amaphoyisa athathe ubaba kanye nobaba omncane wakhe babayisa emakhazeni kahulumeni, kodwa abazange bamthole.
Esithombeni esingenhla: UNtsieni Motelo.
Umthombo wesithombe: Uthunyelwe