Owesilisa ugwetshwe iminyaka emihlanu esejele ngokusabalalisa i-Covid-19

Arthur Greene

Owesilisa oqhamuka e-Vietnam ugwetshwe iminyaka emihlanu ngemuva kokudelela imigomo ye-Covid-19 ngesikhathi esezazi ukuthi une-Covid-19.

ULe Van Tri utholwe enecala lokusabalalisa igciwane eliyingozi kubantu abayi-8, omunye wabo washona.

NgoNtulikazi uLe Van oneminyaka engama-28 wahamba ngesithuthuthu esuka edolobheni lase-Ho Chu Minh eya esifundazweni sangakubo e-Ca Mau eNingizimu yezwe. 

Ezinyangeni ezisanda kudlula, i-Vietnam ibonakale inesibalo esinyukayo sabantu abatheleleke nge-Covid-19 ngemuva kokuqala ukufunda ukuzivikela kuleli gciwane.

Isibalo sabantu abaningi abatheleleke nge-Covid-19 siqhamuka edolobheni lase-Ho Chi Minh, elinabantu ababalelwa kwizigidi eziyi-9.

Ngemuva kokufika e-Ca Mau, uTri watholakala ukuthi waqamba amanga egcwalisa ifomu elifaka imininingwane yezempilo ngesikhathi evakasha. Watholakala ukuthi udelele umthetho wokuthi umuntu kumele azivalele yedwa uma etholakale ne-Covid-19.

UTri bamhlola kwatholakala ukuthi une-Covid-19, futhi ukulandela ngomkhondo igciwane kwakhombisa ukuthi uselidlulisele kumalungu omndeni wakhe kanye nabasebenzi besikhungo sezenhlalakahle ngesikhathi evakashile.

Ngemuva kokugwetshwa iminyaka emihlanu kuphinde kwathiwa akahlawule imali eyizi-12,500 zamarandi.

Umthombo wesithombe: @radio_punchline

Izihloko zakamuva