Owesilisa ugwazwe wabulawa empini yase-Alex yezinyokanyoka

Everson Luhanga

Owesilisa obexhuma izintambo zikagesi ngokungemthetho e-Alexandra ugwazwe wabulawa ngoLwesihlanu, nokusolakala ukuthi ubulawe imbangi yakhe engumholi wezinyokanyoka.

Ngenyanga edlule, i-City Power, iphelezelwe ngamaphoyisa kamasipala nezikhulu zakwa-SAPS, banquma ugesi oxhunywe ngokungemthetho. Lokhu kuholele ekutheni abahlali baxhume kabusha izintambo zikagesi ngokungemthetho.

USiyabonga Maziya, ongomunye wabantu abaxhume ugesi ngokungemthetho, ugwazwe wabulawa yimbangi yakhe ebixhuma ugesi ngokungemthetho. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uMaziya enqabe ukumkhokhela imali engama-R10 ukuze athenge izintambo ezintsha zokuxhuma ugesi ngokungemthetho.

Abahlinzeka ngezintambo zikagesi ezingekho emthethweni, njengoMaziya, bacela abahlali ukuthi banikele ngama-R10 umuntu emunye  ukuze bathenge izintambo ezintsha njalo uma izikhulu zakwa-City Power zinqamula ugesi.

Intombi kaMaziya, uJenifer Mvubo, uthe usethandane iminyaka eyisikhombisa nesoka lakhe.

“Ngiyazi ukuthi isoka lami belingomunye wabantu abebexhuma ugesi ongekho emthethweni,” utshele i-Scrolla.Africa.

“NgoLwesihlanu, ngithole ucingo lokuthi ugwazwe wabulawa ngumholi obeyimbangi yakhe obefuna ama-R10,” esho.

UJenifer uthe abantu bakhokha ikhulu elilodwa lamarandi njalo kubaholi abaxhuma ugesi ngokungemthetho.

“Okunye obekulokhu kubhebhezela impi udaba lwamakhasimende. Umuntu ogwaze isoka lami uqale ngokweba amakhasimende akhe”.

UJenifer uthe ngoSuku Lwamagugu ngesonto eledlule la madoda abambane ngezihluthu ebanga amakhasimende.

“Bengihleli ngibuka isidumbu sakhe sinethwa imvula ngesikhathi igazi ligeleza namanzi emvula. Ummese osetshenzisiwe ububhajwe esifubeni sakhe. Ushone kabuhlungu impela.

Ngesikhathi i-City Power inqamula ugesi oxhunywe ngokungemthetho mhla zingama-21 kuMandulo, kuqubuke imibhikisho enodlame ngaphandle kwenxanxathela yezitolo yase-Alex. Kubulawe owesilisa ngemuva kokuthi unogada wenxanxathela yezitolo edubule phakathi kwenqwaba yabantu.

Okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena usiqinisekisile lesi sigameko, wakugxeka ukuxhunywa kwezinyokanyoka emalokishini.

“Sithanda ukuxwayisa abantu mayelana nokuthengisa ugesi kumakhasimende angaphandle ngoba lokho akukho emthethweni futhi kuphambene nemithetho kamasipala,” esho.

Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Simphiwe Mbatha uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala. Uthe umsolwa ugcwele amathafa futhi unxusa umphakathi ukuthi uze nolwazi.

Izihloko zakamuva