Owesilisa ugwazwe wabulawa amantombazane amahlanu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ngesikhathi uZolani Toyana (23) wase-Site C ehlangana neqembu lamantombazane amahlanu endaweni yokucima ukoma elokishini laseKhayelitsha ngoMgqibelo, ubenethemba lokuzijabulisa ngalobo busuku.

Ngokudabukisayo lokho obekufanele kube ubusuku obukhumbulekayo kuphenduke iphupho elibi njengoba kuthiwa uToyana ugwazwe washona.

Ngokusho kukagogo kaToyana, uNombeko Toyana umzukulu wakhe ucele enye yamantombazane ukuthi ihambe naye ukuya ekhaya.

Kuthiwa udadewabo wentombazane uye wangenelela wathi ngeke akwazi ukuhamba naye.

Kuye kwasuka ingxabano, kuthiwa udadewabo wale ntombazane uye waphihliza ibhodlela wagwaza umufi ngalo. Kuthiwa amanye amantombazane nawo aye angenela amgwaza esiswini.

UNombekho uveze umunyu nentukuthelo yakhe ngalesi sigameko, wathi: “Ubengumuntu onenhliziyo enhle, ethanda nokuncokola. Ubengumuntu ohlezi efuna ukubona abantu bemamatheka.

“Kubuhlungu ukuthi bambulale ngesihluku esingaka, bekungafanele ashone ngale ndlela.”

Umndeni uthole ngalesi sigameko ngeSonto ekuseni ngesikhathi kufika ilungu lomphakathi lizobatshela lezi zindaba ezibuhlungu.

Baye baphuthuma emgwaqeni lapho isidumbu sikaToyana ebesishiywe khona, kanti ngesikhathi behlola isidumbu sakhe babone amanxeba okugwazwa entanyeni nasesiswini.

“Okusizwise ubuhlungu kakhulu ukuthi akukaboshwa muntu, yize baziwa abasolwa.” Banxuse amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo ajezise abasolwa.

“Asifuni omunye umuntu ongenacala ashone njengoZolani.”

Okhulumela Abakwa-SAPS e-Western Cape ukaputeni Nowonga Sukwana ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ase-Khayelitsha abhalise icala lokubulala kulandela ukushona kukaToyana.

Kodwa-ke bekungakaboshwa muntu.

Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuthi athinte i-Crime Stop ku-08600 10111.

Esithombeni esingenhla: UZolani Toyana 

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva