Owesilisa ufuna isehlukaniso ngenxa yama-noodles

Kamogelo Olaitan

Owesilisa waseNdiya ufake isehlukaniso nomkakhe ngenxa yokuthi umphekela ama-noodles nsuku zonke kathathu ngosuku.

IJaji uML Raghunath uthe wake wangamela icala lama-noodles abizwa nge-Maggi ngesikhathi owesilisa efuna ukufaka isehlukaniso ebeka isizathu sokuthi umkakhe wayengakwazi ukupheka okunye ukudla ngaphandle kwama-noodle njengoba babeshadile  ngokusho kwe-Indian Express.

I-Maggi igama lomkhiqizo wama-noodle.

Ijaji alizange lidalule usuku lwecala noma amagama ezithandani zasedolobheni i-Ballari.

“Umyeni uthe umkakhe ubengakwazi ukupheka okunye ukudla ngaphandle kwama-Maggi noodles. 

Bekungama-noodle esidlo sasekuseni, esasemini kanye nasebusuku. Ukhala ngokuthi unkosikazi wakhe uye esitolo esidayisa ukudla wafika wathenga ama-noodle kuphela,” kusho ijaji.

URaghunath uthe noma izinga lesehlukaniso eNdiya liphansi, abashadikazi abaningi bebezama ukufaka isehlukaniso  eminyakeni embalwa edlule.

“Amacala esehlukaniso ayaqhubeka nokwanda njengoba iminyaka ihamba. 

Abashadikazi kufanele bahlale ndawonye okungenani unyaka ngaphambi kokuba bafake isehlukaniso. Ukube ubungekho umthetho onjalo bekuyoba nezicelo eziningi zesehlukaniso ezifakwa ngisho nasemahholo omshado,” kusho ijaji.

Scrolla World Cup Quiz