Ekuqaleni konyaka uWelile Yamaphi wasinda ekufeni ngesikhathi ecishe eshiswa umlilo waze washona – kodwa ngeSonto ekuseni udutshulwe wabulawa, enamanxeba ayisishiyagalombili ezinhlamvu, ngemuva kwezinyanga ezine esanda kungena endlini yakhe yomxhaso.
Umzala wakhe okhungathekile uNombulelo Zamxaka uthe: “UWelile ubevalelwe futhi ekhiyelwe ngabahlaseli abangaziwa emjondolo.”
Uthe, umjondolo osendaweni yase Endlovini e-Missionvale e-Port Elizabeth, ushiswe ngabantu abangaziwa.
“Omakhelwane bamhlenga ngemuva kokuzwa ukukhala kwakhe. Kusukela lapho besilokhu simcela ukuba ashiye umjondolo afune indlu yomxhaso ngoba besingaphephile,” kusho uNombulelo.
“Namuhlanje ekuseni ngithole ucingo obeluvela komakhelwane bakaWelile bengitshela ukuthi usedutshulwe wabulawa. Isicabha sakhe sasekhishini nesango lezokuphepha ligqekeziwe. Bekukhona namakhalishi angenalutho ngaphandle komnyango. Besicabanga ukuthi ukuhlala kwakhe kumxhaso kuzoba ngcono. Izingane zakhe ezimbili zintshontshelwe ubaba wazo olungile.”
Umakhelwane uNomhle Monge uthe, ngezikhathi zasentathakusa ngabo-2:30 ubesendleleni ebuya endlini yangasese ngesikhathi ezwa kuqhuma ngathi kukhona umuntu oshaya umnyango.
“Ngibe sengizwa ukuqhuma kwesibhamu okokuqala ngagijima ngaya endlini yami ngicabanga ukuthi oshayasibhamu bayangidubula,” kusho uNomhle.
“Ngesikhathi bedubula, bebebuye beme kancane bethi ukulinda isikhashana. Ngibe sengibala ukuthi badubule izinhlamvu eziyisikhombisa kwase kuyathuleka.”
UNomhle ugijimele ngaphandle wayovusa umakhelwane.
“Umakhelwane uvele wakhala kakhulu, ngamcindezela embhedeni wakhe ngivala umlomo ngesandla sami, ngesaba ukuthi oshayasibhamu bazosizwa.”
Uthe, babona ukuthi kwakunguWelile ngesikhathi inkampani ayesebenza kuyo njengonogada ifika endlini ngabo-5:20 ekuseni, bathola uWelile eseshonile nomfaniswane wasemsebenzini eceleni kombhede wakhe.
U-Colonel Priscilla Naidu uthe, uWelile utholakale elele phansi egumbini lakhe enamanxeba amaningi okudutshulwa.
“Imbangela kanye nabasolwa akwaziwa okwamanje. Umufi ubengunogada esibhedlela sendawo. Kuphenywa icala lokubulala.”