Everson Luhanga
Eminyakeni eyisithupha eyedlule, udadewabo wadutshulwa wabulawa inhlamvu ngesikhathi izinhlangano zamatekisi zilwa zibanga umzila enxanxatheleni yezitolo ebizwa nge-Pan Africa Mall ngonyaka wezi-2015.
NgoMgqibelo, uTawana Paul Mamabolo udutshulwe wabulawa yiphoyisa emcimbini owenzeke ngemuva komngcwabo kamngani wakhe obizwa nge-After tears.
Umalume wakhe uNathaniel Mamabolo uthe ubeyilungu lokuqala lomndeni ukufika endaweni yesehlakalo ngesikhathi kubulawa uPaul obaziwa emphakathini wase-Alexandra kanye naseGoli njengomprofethi.
“Ngimthole elele ebheke phansi. Ngaguqa ngamadolo ngamphakamisa, ngethemba lokuthi usaphefumula, kodwa ubeseshonile,” kusho uNathaniel.
Ngokwe-Independent Police Investigative Directorate (i-IPID), kuqhume izibhamu kubhekiswe emaphoyiseni amabili abekhona endaweni yesigameko, nokuholele ekutheni amaphoyisa nawo avulele ngenhlamvu.
“Isidumbu somshana wami besisafudumele. Kunginike ithemba lokuthi abezimo eziphuthumayo bazokwazi ukumbuyisa.
Bengikulangazelela kakhulu ukusinda kwakhe,” kusho uNathaniel.
Kodwa uthe amaphoyisa amzibile.
UPaul nodadewabo bakhuliswa ngubabekazi wabo u-Anna ngemuva kokushona kukanina.
“Udadewabo okuwukuphela kwakhe wadutshulwa wabulawa yinhlamvu eyaphaphalaza. Manje indodana yakhe ibulewe yiphoyisa obekufanele limvikele,” kusho ubabekazi wakhe.
Uthe uPaul ubethandwa ngabantu emphakathini.
“Waqala ukwelapha abantu esemncane kakhulu. Ubebusisiwe,” kusho ubabekazi wakhe.
U-Anna uthe kusukela ngoMgqibelo, amaphoyisa awazange anikeze umndeni incazelo, ngisho nangemva kokuqinisekisa lesi sigameko.
Kuze kwaba nguMsombuluko ebusuku, okuyilapho amaphoyisa anikeze inombolo yecala umndeni kaMamabolo.
Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (i-IPID) uGrace Langa ukuqinisekisile ukuthi i-IPID iphenya icala lokubulala.
ULanga uthe kusolakala ukuthi amaphoyisa abesendleleni eyokwenza isivimbamgwaqo ekhoneni lika-Roosevelt naku-Springbok Street e-Alexandra ngesikhathi ezwa ukuqhuma kwesibhamu.
Kuthe besendleleni babona amadoda amabili edubula emoyeni iphoyisa layalela ukuthi alahle izibhamu.
“Omunye walaba besilisa wafihla isibhamu esinqeni ngemuva. Omunye uvele wadubula wabhekisa ngasephoyiseni nalo iphoyisa laziphindiselela lizama ukuzivikela,”kusho uGrace.
Umbango wokuthola isibhamu komunye wabasolwa kuholele ekutheni omunye wabo adutshulwe abulawe. Uphenyo luyaqhubeka.