Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UTebogo Mangena ugwetshwe iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngecala lokuzama ukudlwengula nokuthumba umngani wakhe yiNkantolo yeMantshi yaseMankweng eLimpopo ngoLwesithathu.
Umsolwa oneminyaka engu-29 ubudala ugwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele ngecala elilodwa lokuthumba neminyaka engu-15 ngamacala amabili okuzama ukudlwengula. Izigwebo zizosebenza kanye kanye.
Inkantolo ilalele ukuthi isisulu sasisekhaya ngomhlaka-23 ngoMfumfu ka-2022 ngesikhathi uMangena emshayela ucingo emcela ukuba baphume naye.
Wahamba naye ngesikhathi besendleleni wakhipha ummese wamsongela ngokumbulala.
Wabe esembamba entanyeni ethi akakhumule. Wamphushela phansi, kodwa wakwazi ukuzikhulula wabaleka.
Umgilwa wasindiswa ngabazali bakhe, abasabela ngesikhathi ecela usizo.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uLieutenant-Colonel Malesela Ledwaba uthe kuvulwe amacala okuzama ukudlwengula nokuthumba adluliselwa ophikweni oluphenya ngodlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi ePolokwane ukuze luphenywe.
Umsolwa waboshwa ngemuva kwesonto, ngomhlaka-30 ngoMfumfu.
Osesithombeni esingenhla: UTebogo Mangena.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe