Owesilisa udlwengule intombi yomngani wakhe omkhulu ebusuku ngenkathi bephuza kakhulu utshwala

Owesifazane oneminyaka engama-26 ubudala kusolwa ukuthi udlwengulwe ngumngani omkhulu wesoka lakhe ngemuva kokuthi isoka lakhe lijumeke ebusuku ngenxa yokuphuza kakhulu ukugubha unyaka omusha.

Lesi sigameko sihlukumeze kakhulu lezi zithandani ezivela emphakathini wase-Verulam enyakatho neTheku. 

Isoka lakhe, elineminyaka engama-32, elingeke lidalulwe igama lalo, litshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi umsolwa, obalekayo, ubesefana nomfowabo. 

Ikhanda lami liyaduma. Bengingacabangi ukuthi angenza into enjena entombini yami. Ngifunde isifundo sokuthi ngingamethembi omunye umuntu ngaphandle kwami.”

Elandisa ngalesi sibhicongo, uthe bameme umsolwa ngoLwesihlanu ukuzobungaza ukuqala konyaka omusha ndawonye njengoba babenzile eminyakeni edlule.

Bathenga utshwala nenyama bachitha usuku lonke bedansa ngaphakathi emjondolo wakhe onegumbi elilodwa. 

“Saphuza usuku lonke. Ebusuku ngangikhathele futhi ngagxumela embhedeni wami ngalala. Bobabili baqhubeka nokuphuza.” 

Uthe wayengazi ukuthi umngani wakhe wasebunganeni wayenezinhloso ezimbi.

“Wadlwengula intombi yami ngenkathi ilele embhedeni wami.Angizwanga lutho yize ngangilele embhedeni owodwa”.

Uvuswe yisikhalo sentombi yakhe, ithi idlwengulwe isivakashi sabo. 

“Ungitshele ukuthi uzwe kunomuntu ophezu kwakhe kodwa ucabanga ukuthi yimina. Ngesikhathi ebona ukuthi akusimina, waqala wamemeza,” uyasho. 

Uthe uma evuka umngani wakhe weqa embhedeni wenza sengathi ulele phansi. 

Uthi washiya umsolwa ngaphakathi komjondolo wakhe wamemeza ecela usizo.

Omakhelwane baphuthume endlini yakhe kodwa umsolwa ubevele ebalekile. 

Okhulumela i-SAPS KwaZulu-Natali uKaputeni uNqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko.

“Ummangali wathi mhla zimbili kuMasingana ngowezi-2021 phakathi kwamabili, wayelele ngesikhathi umsolwa owaziwayo emdlwengula.” 

Uthe kuvulwe icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa e-Verulam kanti akekho oseboshiwe.

Izihloko zakamuva