Owesilisa udlise izingane zakhe ushevu

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

NgoLwesihlanu ekuseni, uNaledi Mfolo ubengumama oziqhenyayo wezingane  ezintathu.  Ngeshwa ngempelasonto uyise wezingane zakhe uzidlise ushevu zonke ngaphambi kokuba naye azame ukuzibulala.

Ngemuva kokudlisa izingane zakhe ushevu ngoLwesihlanu, u-Evans Hlangwane naye udle ukudla okufakwe umuthi wamagundane ezama ukuzibulala,kodwa wasinda kanye nenye yezingane. 

Amaphoyisa ambophe ngoLwesihlanu kanti ngempelasonto ubegadwe amaphoyisa esibhedlela e-Edenvale.

Kodwa ngoMsombuluko uNaledi uthole ucingo oluthi u-Evans uzibulele esibhedlela ngemuva kokuzilengisa ngelineni yasesibhedlela.

U-Evans bekumele abhekane namacala okubulala nelokuzama ukubulala ngemuva kokuthi izingane zakhe ezimbili zibulawe ushevu. Ingane yesithathu uBoitumelo ebisesimeni esibucayi iphumile esibhedlela.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uNaledi uthe ukushona kuka-Evans kunzima ngoba angeke esabuthola ubulungiswa ngezingane zakhe.

“Ngisenemibuzo eminingi. Uzibulaleleni izingane zami? Bezenzeni ukuze ababulale ngalendlela?

“Izingane zami zizwe ubuhlungu zaze zashona. Kungani ebulale izingane zami ngesihluku esingaka?” ebuza ephindelela.

Uthe ubenethemba lokuthi isoka lakhe elingasekho lizoboshwa lithweswe amacala bese ligqunywa ejele unomphela ngale nto eliyenzile. “Kuyishwa ukuthi ushone engajeziswanga.”

UNaledi uthe umphenyi wamaphoyisa omazise ngokushona kuka-Evans umtshele ukuthi uzikhunge egadwe amaphoyisa.

“Kusolakala ukuthi utshele amaphoyisa ukuthi ufuna kucishwe izibani ewadini, kodwa izinyawo zakhe bezisaboshiwe.”

Ube esesebenzisa ilineni lakhe lasesibhedlela ukuze azilengise.

Uthe ngesikhathi kufika abahlengikazi bezombheka bamthole eseshonile babiza amaphoyisa abemgadile.

Indodakazi kaNaledi esindile, uBoitumelo uphume esibhedlela ngoMsombuluko kodwa uthole izindaba ezibuhlungu ngezingane zakubo ezimbili.

Osesithombeni esingenhla: U-Evans Hlangwane

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva