Owesilisa ucishe waboshelwa ize

Dylan Bettencourt

Owesilisa ohlala eMelika ushaqekile ngesikhathi ethola ukuthi i-Google ithathe isithombe esiveza amasende engane ngesikhathi eyobonana nodokotela.

Ubuchwepheshe be-Google obuzenzakalelayo bubike owesilisa wase-San Francisco emaphoyiseni ngezithombe ezitholakale kumakhalekhukhwini wakhe ezazicelwe udokotela ezama ukwelapha ukuvuvukala kwengane. 

NgoNhlolanja odlule owesilisa ogama lakhe linguMark wabona ukuvuvukala emasendeni endodana yakhe wasebenzisa umakhalekhukhwini wakhe ukuthatha isithombe ukuze athole impendulo ephuthumayo ngokusho kwe-The Times.

Isistimu yezobunhloli ye-Google ithole isithombe yasihlaba umkhosi njengokuhlukunyezwa kwezingane ngaphambi kokusibika emaphoyiseni endawo.

Lo wesilisa ongunjiiyela we-software uvulelwe uphenyo wabe eselahlekelwa ukufinyelela kuma-akhawunti akhe e-Google. Noma icala selisuliwe iziphathimandla uMark akakakwazi ukufinyelela kuma-akhawunti akhe e-Google.

Izishoshovu zizwakalise ukukhathazeka ngokuthi amaphutha afana nalawa enziwa ubuchwepheshe angase aholele ekutheni abantu abangenacala babekwe amacala abucayi.

USolwazi wezomthetho eNyuvesi i-St. John’s University uKate Klonick wabelane ngokukhathazeka okufanayo.

“Kunzima ukucabanga ukuthi lokhu bekuzofika kuphi. Lokhu bekungaba indaba ebucayi kakhulu.  Lokhu kube yingozi ngokuphindiwe ngoba kuphinde kwaholela ekutheni umuntu abikwe kwabomthetho,” etshela i-New York Times.

I-Google isebenzise lokhu kusukela ngo-2018 kanti nyakenye umise ama-akhawunti angaphezu kuka-270,000 ngemuva kwezithombe.

Iziphathimandla zibuyekeze izithombe, kodwa kusenokwesaba ukuthi le nqubo ingase ibangele ukucindezeleka okukhulu emindenini futhi yonakalise izimpilo zabantu.

Ubaba wase-Texas usebenzise umakhalekhukhwini wakhe ukuthatha isithombe sengane yakhe ngemuva kwesicelo sikadokotela okuholele ekutheni i-akhawunti yakhe ye-Gmail imiswe.

Asuliwe amacala abebhekene nawo, kodwa namanje akakwazi ukungena kuma-akhawunti akhe e-imeyili.

Indawo yezokusebenza kwezokuphepha kwezingane yakwa-Google ithe inkampani iyazi ukuthi ziningi izithombe zezingane ezithathwayo njengoba abazali besebenzisa ukuxhumana nodokotela ku-inthanethi.

“Siyazi ukuthi esikhathini se-telemedicine ikakhulukazi njengoba kuhlasele i-Covid kuye kwadingeka ukuthi abazali bathathe izithombe zezingane zabo ukuze zithole ukwelashwa.”

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva