Owesilisa ubulawe ubuthi bexoxo

Arthur Greene

Usozigidi wase-Russia u-Alexander Subbotin ushonile ngemuva kokuthi isangoma simnikeze ubuthi bexoxo ukuze elapha ibhabhalazi.

USubbotin, owayengumphathi ophezulu enkampanini yase-Russia i-Lukoil, uvakashele isangoma sangakubo esibizwa ngelikaMagua Flores e-Mytishchi, eyofuna usizo.

UMagua Flores nonkosikazi wakhe uTina Cordoba (omagama abo angempela ngu-Alexey Pindyurin noKristina Teikhrib) bayizangoma ezaziwayo e-Russia, badume ngokwelapha ngegazi lezi zilwane.

Ngesikhathi efika emzini wabo, uSubbotin  (43) ubekhononda ngebhabhalazi elinzima, ngakho uFlores – okuthiwa ubevame ukumvakashela – umnikeze “ikhambi” elinamandla.

“Bamgcabile, baconsisa ushevu wexoxo enxebeni,” kubika isiteshi se-Telegram Mash.

Isiteshi sibike ukuthi uSubbotin uqale ukukhononda ngokuthi inhliziyo yakhe ibuhlungu, kodwa uFlores uye wakhetha ukungashayeli abosizo oluphuthumayo futhi esikhundleni salokho unqume ukumthumela ukuba ayolala endlini yakhe.

Ngakusasa ekuseni isidumbu sakhe sitholwe uFlores kanye noCordoba.

USubbotin ubengesinye sezikhulu eziphezulu emkhakheni wezamandla wase-Russia ezishone ngaphansi kwezimo ezingaqondakali selokhu uPutin eqale ukuhlasela e-Ukraine ngoNhlolanja.

Ngaphandle kwakhe, osozigidigidi abane kanye nezikhulu ezimbili ezisebenza enkampanini kahulumeni yegesi namafutha i-Gazprom bashone ngaleso sikhathi.

Obeyisikhulu sase-Kremlin uVladislav Avayev (51), kubukeka sengathi uye wazibulala ngemuva kokubulala unkosikazi wakhe nendodakazi yakhe (13).

Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, uSergey Protosenya (55), utholakale eshonile e-Spain. Kuthiwa uye wazilengisa ngemuva kokubulala umkakhe nendodakazi yakhe ngembazo.

U-Alexander Tyulakov (61), oyisikhulu sezezimali se-Gazprom, kanye noLeonid Shulman (60), inhloko yezokuthutha kwa-Gazprom Invest, nabo bashone ngendlela esolisayo kuthiwa “bazibulele”.

Izihloko zakamuva