Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Kushone owesilisa (54) wase-Parkwood eKapa ngemuva kokuthi eshaywe ngesitini indodana yakhe engumlutha wezidakamizwa.
Unina kamsolwa uthe inkinga iqale ngesikhathi eyovusa indodana yakhe (30).
“Indodana yami iyavilapha. Ayinankinga nokulala usuku lonke. Ngihambile ngayoyivusa ngezithuba zabo-3 ntambama ukuze ngihlanze igumbi layo lokulala ivele yacasuka yangixosha,” kusho unina.
Kuthiwa umsolwa uthuke unina, usingababa wakhe wasukuma wakhulumela umkakhe.
“Indodana yami ingibuze ukuthi ngifuna ukuthi ilale nami yini. Ngiye ngashaqeka, kanjalo nomyeni wami nenye indodana yami. Bamtshele ukuthi akakwazi ukukhuluma nami kanjalo,” esho.
Indodana yakhe ibe isiphumela ngaphandle yacosha isitini yabuya.
“Ubethukuthele kakhulu. Bengithi uzongihlasela kodwa uye wadlula eduze kwami washaya umyeni wami ekhanda. Umyeni wami uye wawa ngase ngiphuthuma kuye ngiyomsiza. Ngibe sengibona igazi eliningi. Ushonele khona lapho,” esho.
Uchaze umyeni wakhe njengo muntu obeziphethe kahle izingane zakhe.
Uthe uthandazela ukuthi indodana yakhe ikhokhele ekwenzile.
“Sesineminyaka engu-30 sindawonye. Kuyamangaza ukuthi abulawe umuntu abemthanda futhi emnakekela. Ngithukuthele. Umyeni wami ubelungile kubo futhi ebebaphatha njengezingane zakhe,” esho.
“Angifuni ukumbona – ngeke ngize ngiye enkantolo. Okubalulekile ukuzilela umyeni wami oshone engivikela kwidodana yami.”
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uKaputeni Frederick van Wyk uthe amaphoyisa ase-Grassy Park avule icala lokubulala kulandela isigameko lapho okulimale khona owesilisa washona.
“Umsolwa uboshiwe futhi uzovela enkantolo uma esethweswe icala,” kusho uVan Wyk.
Esithombeni esingenhla: Owesifazane oshonelwe umyeni wakhe.
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze