Owesilisa ubulale usingabhuti(9) kubangwa u-R1

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • Kushone umfana(9) ngemuva kokucela umfowabo angazalwa naye u-R1 wokuthenga ama-ice pop.
  • Umsolwa uzame ukufihla isidumbu ethuneni elingashoni ngapha  enza sengathi ududuza umama oshonelwe.

Ukwesaba okukhulu kukamama kugcwaliseke ngesikhathi amaphoyisa ethola isidumbu sendodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala ebilahlekile ngemuva kokuthi icele umfowabo engazalwa naye u-R1 wokuthenga ama-ice pop.

Lesi sigameko esinyantisayo sitholwe ekuseni ngoLwesine ngesikhathi isakhamuzi sibamba umsolwa( 33)  ehudula inyanda egoqiwe eqonde emathuneni ase-Snake Park, ngaseNigel.

UNkosinathi Gqibathole osemncane uduke ngeSonto kusihlwa ngemuva kokuvakashela umjondolo kamfowabo angazalwa naye e-ArlaPark.

Ngesikhathi isakhamuzi sibuza ukuthi bekugcweleni kulenyanda  abeyiphethe umsolwa uvele wabaleka. Ngaphakathi bathole isidumbu sikaNkosinathi esishile sigoqwe ngoplastiki omnyama nengubo yokulala.

Umama wakhe uZukiswa Gqibathole ubelokhu ethungatha kusukela ngeSonto ebusuku.

“NgoMsombuluko samthungatha omunye wabahlali wangitshela ukuthi bambone edlala nezinye izingane, benginethemba lokuthi uzobuyela ekhaya kodwa kwangenzeka, ngabika icala lomuntu olahlekile kodwa ngoba bengingenaso isithombe sakhe amaphoyisa awakwazanga ukungisiza.

“Bathi angishaye impempe ukuze umphakathi ungisize,” kusho yena.

Umsolwa ube esemumemela esakhiweni sakhe ngoLwesibili.

“Angizange ngisole lutho, wangiduduza ngokuduka kwendodana yami. Ngamangala lapho engivimba kabuhlungu ukuthi ngichithe udoti ngemuva kwesakhiwo sakhe. Kwakunezimpukane eziningi ezaziqhamuka lapho kodwa angizange ngicabange kakhulu ngalokho. Amaphoyisa athole ithuna elingashonile kakhulu ngemuva kwesakhiwo sakhe,” kusho yena.

UZukiswa uphatheke kabi ngokukhashelwa. “Izingane zami ubezithanda njengomfowabo, ngize ngamvikela ngesikhathi umphakathi ukhomba yena njengombulali,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Dimakatso Nevhuhulwi uthe umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseNigel ngomhla ziyisishiyagalolunye kuZibandlela ngecala lokubulala.

Osesithombeni esingenhla: UZukiswa Gqibathole.

Umthombo Wesithombe : Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva