Owesilisa ubulale ingane yentombi eneminyaka emithathu 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngosuku lobaba, uSiyanda Magagu, obedlala indawo kababa wengane eneminyaka emithathu u-Anganam Magxwalisa, kusolakala ukuthi uthumbe usana walihenga lwaze lwashona esihlahleni elokishini lase-Xholora, e-Stutterheim.

Kusolakala ukuthi uMagagu (35), obethandana nomama ka-Anganam, uthathe ingane kumzala wakhe oneminyaka engu-13 ubudala, wathi uyoyithengela amaswidi esitolo. 

Lokhu kuthiwa kwenzeke ngemuva kokuthi exabene nomama wengane.

Ngokusho kokhulumela umndeni uBabalwa Goroleki, uMagagu ubelokhu edlala indima yokuba ubaba kule ngane kusukela inezinyanga ezimbili izelwe.

“Sishaqeke kakhulu,” kusho uGoroleki.  “Besingakaze sicabange ukuthi angenza into efana nalena. Ubemthanda njengendodana yakhe.  Asiqondi nje ukuthi yini emenze wenza into efana nalena. 

“Nalapha ekhaya besinobudlelwano obuhle naye ngoba besiyibona indlela abemphethe ngayo umfana omncane.

“Yingoba ebexabene nomama? Angiqondi ukuthi umuntu angayifaka kanjani ingane entweni efana nalena,” kusho uGoroleki obebonakala ukuthi ukhungathekile.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa uthe umama uxhumane namaphoyisa ebika ukuthi u-Anganam udukile. 

Amaphoyisa athole isidumbu sakhe silenga esihlahleni ngemuva kwamahora ambalwa.  UMagagu ongusomatekisi uboshwe entathakusa ngeSonto.

Okhulumela i-NPA e-Eastern Cape uLuxolo Tyali uthe uMagagu uvele ngecala lokuthumba nelokubulala eNkantolo yeMantshi yase-Stutterheim ngoLwesibili.

Usagcinwe esitokisini.

Ukubulawa kuka-Anganam kabuhlungu kulandela ukubulawa kwentombazanyana eneminyaka emithathu ubudala eyabulawa ngesihluku ngumalume wayo e-Bedford, okuqhele ngehora e-Stutterheim, ngesonto eledlule.

Esithombeni ngenhla: U-Anganam Magxwalisa, oneminyaka emithathu, ohengwe esihlahleni yisoka likanina.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva