Owesilisa uboshwe ngemuva kokutholakala nezinto ezingamagugu ezebiwe

Kabelo Tlhabanelo

Owesilisa ukwazile ukuphumelela kulobu bugebengu abewenza eyedwa endaweni yesigcinamagugu, wantshontsha izinto ezingamagugu zakudala ezibiza imali engaphezu kweyizi-R600,000.

Kodwa le ndoda ibingenabo abathengi balokhu ekwebile. Ngakho-ke ubehamba ezungeza efuna noma ngubani ozothenga izinto ezingamagugu zakudala ezisukela eminyakeni yama-1800.

Amawashi, izibonakude ezazisetshenziswa amasosha e-Anglo-Boer War, imimmese yasendulo, izindondo kanye ne-Krugerrands zebiwe kwisigcinamagugu sase-Bloemfontein ngempelasonto edlule.

Njengoba izinsuku beziqhubeka ngaphandle kokuthola umthengi, le ndoda eneminyaka engama-36 ubudala iqale ukuziqhayisa ngezimali zayo “ze-Krugerrand” zegolide kubangani bayo, okube iphutha elimlahlekisele ngenkululeko yakhe.

Abangani balume amaphoyisa indlebe, avele agasele kule ndoda ezintatha zangoLwesihlanu.

Umsolwa utholakale etekisini nezinto ezebiwe.

Amaphoyisa athi le ndoda ayikwazanga ukuchaza ukuthi izithathephi izinto ezingamagugu zakudala ngakho-ke yaboshwa.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele ukuqinisekisile ukuboshwa kwale ndoda.

“Umsolwa akakwazanga ukunikeza amaphoyisa incazelo ecacile yokuthi uzithathephi izinto zasendulo ezibalulekile okuphoqe ukuthi aboshwe ngokushesha futhi uzobekwa icala lokutholakala nezimpahla okusolwa ukuthi zebiwe,” kusho uMakhele etshela i-Scrolla.Africa.

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein kungekudala.

Izihloko zakamuva