Owesilisa uboshelwe utshwala obungekho emthethweni obubiza u-R24-million

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesilisa wase-China oneminyaka engu-20, uboshelwe ukudayisa utshwala, obungekho emthethweni ngoLwesithathu.

Ilinganiselwa ku-R24-million imali yotshwala obutholwe bathathwa.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uSergeant Wesley Twigg, uthe ithimba lesifundazwe eliphenya ngezimpahla ezingekho emthethweni liqale umkhankaso endaweni yaseKleivlei ngoLwesithathu.

“La malungu aseshe indawo edayisa utshwala ekhoneni likaPlain noRyneveld Street, e-Eersteriver, lapho ashaqe khona utshwala obungahlangabezani nezidingo zokudayiswa,” kusho uTwigg.

“Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBellville uma esethweswe icala.”

Ephawula ngokuboshwa kwale ndoda, isakhamuzi uNolitha Kamane uthe uhulumeni udinga ukwethula izigwebo eziqinile kubantu bakwamanye amazwe abephula umthetho.

“Abantu bakwamanye amazwe baphula umthetho ezweni lethu bayayihlonipha imithetho yamazwe abo, futhi abasoze bakwenza lokhu abakwenza eNingizimu Afrika,” kusho uKamane.

“Kumele lo wesilisa aboshwe nalabo abezohambisa kubo utshwala ngoba ngikholwa ukuthi akasebenzi yedwa.” 

Esithombeni esingenhla: Kuboshwe owesilisa wase-China oneminyaka engu-20 ubudala eWestern Cape ngemuva kokuba amaphoyisa eshaqe utshwala benani lika-R24-million emgwaqeni.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva