Everson Luhanga
UTendai Damba kanye noTapiwa Damba bakhule ndawonye bezwana. Bebehlala efulethini elihle e-Hillbrow futhi besebenza ndawonye enkampanini eyodwa.
Kodwa kusolakala ukuthi uTapiwa ugwaze umfowabo omdala amanxeba amaningi ngomhlaka-15 kuNtulikazi wabe esefaka isidumbu sakhe emgqonyeni kadoti wahamba wafuna abantu abangenamakhaya ukuthi bagubhe ithuna ukuze amngcwabe.
Ngesikhathi i-Scrolla.Africa sivakashele efulethini abebehlala kulo, bekusenamabala egazi phezu kombhede naphansi.
Ifosholo obekumbiwa ngalo ithuna belisekhona efulethini lalezi zelamani.
Kuthiwa uTapiwa uthole amadoda amabili angenamakhaya enkabeni yedolobha laseGoli. Ubayise e-Dawn Park e-Ekurhuleni wabakhokhela u-R200 umuntu ngamunye ukuze bambe ithuna.
Kuthiwa ube esethatha imali kwi-akhawunti yasebhange kamfowabo wayoncebeleka wasebenzisa u-R40 000 ukuthenga utshwala, wakhokhela amahhotela, waqasha izimoto waphinde wathenga nezicathulo ezintsha sha.
Kuphele izinsuku eziyishumi ephila impilo esezingeni eliphezulu ngaphambi kokuthi amaphoyisa ambophe. Manje ubhekene necala lokubulala kanye nelokwephula umthetho.
Okhulumela amaphoyisa ase-Hillbrow uSayitsheni Mduduzi Zondo uthe abaseshi uSayitsheni Gift Mashavha kanye noSayitsheni Livhuwani Mpofu bathole ubufakazi ngemuva kokulandela umsolwa izinsuku ezimbalwa ngemuva kokuthi akhiphe imali kwi-akhawunti yasebhange kamfowabo ongasekho.
UZondo uthe umsolwa uboshwe ngoLwesibili, ngomhlaka-26 kuNtulikazi, e-Sandton lapho abehlele khona ukuhlangana nomngani wakhe ukuze bayophuza.
“Usebenzise abantu abampofu abangenamakhaya wabakhokhela imali yokumba ithuna,” kusho uZondo.
“Abaseshi bethu abazinikele bamlandele ngomkhondo walapho athenge khona umgqomo kadoti babuka nevidiyo esitolo kanye nezingcingo azenzile esebenzisa umakhalekhukhwini kamfowabo.”
Ngemuva kokubulala umfowabo, kuthiwa uTapiwa ufake isidumbu sakhe emgqonyeni. Ngesikhathi ehluleka ukuphakamisa umgqomo uye wafaka isidumbu ebhuthini yemoto eqashiwe waphindela e-Dawn Park wayongcwaba umfowabo.
Kodwa uye wasaba ukuthi abantu abebekhona eduze bazombona ngakho walahla isidumbu esigangeni.
UZondo uthe amaphoyisa aphenya umsolwa ngembangela yokubulala umfowabo ngesihluku.
Abazali bakhe bobabili bashaqekile ngalezi zindaba ezibuhlungu.
Ngesikhathi i-Scrolla.Africa sikhuluma no-Abigail Mutare unina wala madoda amabili, akakwazanga ukukhuluma okuningi uvele wathi inhliziyo yakhe ibuhlungu. “Ngifuna ukwazi ukuthi kungani indodana yami ibulale umfowabo omdala.
“Ngisashaqekile,” usho kanje.
UZondo uthe umphathi wesiteshi samaphoyisa e-Hillbrow uBrigadier Stanley Nevhuhulwi uncome ukuzinikela kwabaseshi okuholele ekutheni kuboshwe umsolwa.