Owesilisa ubhikishele ukucishwa kukagesi enqunu

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ukukhungatheka ngokucishwa kukagesi kwenza abantu benze izinto ezimangazayo.

Imvula ibina futhi kubanda ngoLwesithathu ekuseni.

Kodwa lokho akuzange kuvimbe owesilisa ukuthi akhumule izingubo zakhe aphathe ucelemba wakhe nokuthi agence umfanekiso kaNelson Mandela ongaphandle kwezakhiwo zombuso kumasipala wase-Tshwane.

Lo mlisa ubonakale engenamahloni. Ubonakale engathukile ngesikhathi ezungeza lo mfanekiso efuna ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa eze mathupha ukuzokwamukela izikhalo zakhe.

USello waga Machate obesendaweni yesigameko utshele i-Scrolla.Africa ukuthi le ndoda ithe ibhikishela ukucishwa kukagesi nokuhlinzekwa kwezidingo.

Izenzo zalo mlisa endaweni esemqoka kazwelonke ziphakamisa imibuzo ngokuthi kungani amaphoyisa ethathe isikhathi eside ukumbopha.

Ngemuva kwesikhathi eside kufike amaphoyisa agqokisa lo mlisa ambopha.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uLieutenant-Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uthathwe amaphoyisa.

 “Lo mlisa uyiswe esikhungweni sezempilo ukuze ayohlolwa. Kuzovulwa uphenyo esiteshini samaphoyisa esiseduze ukuze kuphenywe,” kusho uMasondo.

Ngesikhathi kusalindwe ukuhlolwa kwezempilo kulindeleke ukuthi umsolwa athweswe icala uma amaphoyisa ethola ukuthi wephule noma yimuphi umthetho.

Ividiyo yalesi sigameko isabalale ku-Twitter futhi abantu abaningi baphawulile ngayo.

Omunye uLisa Steyn ubhale wathi “awu, ‘iqiniso elimsulwa’ ukuthi sonke sikhathele yilento.”

Izihloko zakamuva