Owesilisa ubanjwe nenqwaba yamakhadi akwa-Sassa

Kabelo Tlhabanelo

Ngenkathi ebona ukuthi amaphoyisa ayembhekile, wehlisa isikhwama sakhe futhi wabaleka.

Kodwa owesilisa wase-Kagisanong, e-Mangaung e-Free State ubanjiwe waboshwa ngenkathi ehluleka ukuchaza ukuthi amakhadi akwa-Sassa angama-497 ebefunani esikhwameni.

Lokhu kube yintuthuko emaphoyiseni ase-Mangaung njengoba amakhadi axhumene nokubanjwa kwenkunzi e-Posini ngoNtulikazi odlule lapho okwantshontshwa khona amakhadi ayizi-14 000.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele uthe ithimba le-Parkweg Tactical Response lithole imininingwane lase liqapha ngeso lokhozi indoda esolisayo ebilinde ekhoneni lomgwaqo uHills and Henry e-Bloemfontein.

“Ngenkathi ebona amaphoyisa, umsolwa wasilahla phansi isikhwama wazama ukubaleka, kodwa wabanjwa amalungu. Isikhwama sezemidlalo saseshwa kwatholakala amabhokisi amabili anamakhadi akwa-Sassa Postbank.”

Ngonyaka odlule, kwebiwa amabhokisi ayisikhombisa anamakhadi akwa-Sassa obekufanele ahanjiswe KwaZulu-Natali ngabasolwa abane ababaleke nge-Toyota Avanza.

Okhulumela abakwa-Sassa, uMotshewa Maleka, uthe bakujabulele ukuboshwa komsolwa.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein kungekudala ngokutholakala nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.

Izihloko zakamuva