Kabelo Tlhabanelo
Owesifazane waseHlohlolwane ngase-Clocolan e-Free State uyazibuza ukuthi kazi uyophinde afune ukuba nenja ngemuva kokubona ividiyo yomakhelwane wakhe edlwengula inja yakhe, uBobbie.
“UBobbie wami ube yisilwane sami engisithandayo kusukela ngowezi-2010 ngesikhathi esengumdlwane nje,” kusho lona wesifazane obefisa ukungadalulwa, utshele abakwa-Scrolla.Africa.
“Ngenxa yalokho akwenze kuBobbie wami ungenze ngaphelelwa wumdlandla wokufuya isilwane futhi. Angifuni ukufuya isilwane esihlukunyeziwe futhi,” uyasho.
Le vidiyo ithwetshulwe ngumuntu obedlula ngendlela owabona lo mlisa edlwengula inja.
“Ngicabanga ukuthi wakhulula inja yami. UBobbie akayona inja enolaka futhi ubemazi lo mlisa.”
UBobbie akazange adlwengulwe kuphela. Ulahliwe futhi.
Inja elimele kabi iyiswe e-Bloemfontein SPCA lapho okuhlolwa khona izilwane kanye nokuthola ukwelashwa okudingekayo. Bathe bazomhlelela ukuthola enye inja uma esenentshisekelo yokuba nenye.
“Kodwa angicabangi ukuthi ngifuna enye inja,” uyasho.
NgoLwesibili, ngemuva kokwazi ngale vidiyo, abakwa-Scrolla.Africa bayithumela e-SPCA base beya e-Clocolan ukuyothatha inja nokuyovulela le ndoda icala.
Okhulumela i-Bloemfontein SPCA uReinet Meyer uthe: “Kutholakale uhlobo lwenja eyi-Africanus ilele phansi. Ibibukeka edidekile.”
Uthe ngokubheka isimo senja bekucaca ukuthi idlwenguliwe.
“Icala lokuhlukunyezwa kwezilwane lizobekiswa kulo mlisa futhi senza konke okusemandleni ukuthola ubulungiswa ngale nja,” kusho uMeyer.
Umhloli wezilwane wakwaSPCA uTebogo Maswanganye uthe: “Ngokubona kwami lona wesilisa ufanelwe ijele. Izinga lonya olunjalo alwamukeleki neze.”
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo uthe bayazi ngale vidiyo kodwa okwamanje akekho oselivulile icala.
Abakwa-SPCA bathe badinga ukuhlanganisa ubufakazi obuvela kudokotela wezilwane kuqala ngaphambi kokuthi bavule icala.
“Sizovula icala kusasa,” kusho uMaswanganye.