Owesilisa ubaleke wangena emzini angawazi  kuqhuma inhlamvu eKapa

Lubhalwe ngumbhali we-Staff

Umndeni wase-Lower Crossroads eKapa ubuzipholele egumbini lokuhlala ngesikhathi kungena owesilisa egijima, ememeza kade  kudubulana onogada bakwa-Fidelity nezigebengu.

Ugijime wadlula amalungu omndeni ehlezi kusofa ebukele umabonakude wazivalela kwelinye lamagumbi okulala.

Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa igama lalo lithe bezwe kuqhuma isibhamu, kuthe besazibuza ukuthi ngubani odutshulwayo, lo mlisa wangena egijima.

“Konke kwenzeke ngokushesha okukhulu. Owesilisa usidlule sisegumbini lokuhlala wangena ekamelweni lami wakhiya. Sagijima samlandela ngoba sicabanga ukuthi uyajahwa kodwa sahluleka ukungena ngoba ubekhiyile,” kusho ilungu lomndeni.

Amalungu omndeni alale phansi ngezisu ecasha, amanye acasha ngemuva kosofa ukuze angashaywa yinhlamvu endiza emoyeni.

“Ngesikhathi esengaphakathi egumbini ubelokhu exolisa ngokusivalela ngaphandle ecela ukuthi senze isiqiniseko sokuthi siphephile ngoba izibhamu ebezisetshenziswa yizigebengu ngaphandle bezinkulu kakhulu futhi ujwayele ukuzibona kumafilimu kuphela,” kusho ilungu lomndeni. 

“Silinde saze sezwa abantu bekhuluma emgwaqeni. Ngaleso sikhathi, ukudubula bese kuphelile. Salinda ukuthi aphume lo mlisa ukuze simshaye ngokusivalela ngaphandle ekhaya.”

Kodwa uthe ephuma, abazange bamshaye.

“Besiqonda ukuthi ukushaqeka nokuthuka kungakwenza wenze izinto obungakaze ucabange ukuthi ungazenza. Mhlawumbe ukube besisesikhundleni sakhe ngabe senze okufanayo,” kusho ilungu lomndeni.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe amadoda ayishumi angaziwa, amanye awo abehlomile aqonde unogada wakwa-Fidelity obesanda kuphuma esitolo sendawo.

“Abasolwa bebefuna ukuphuca onogada izikhali njengoba bebezogibela imoto yomsebenzi. Bajikijele upende ewindini lemoto base bedubula kaningi,” kusho uSwartbooi.

Akekho olimalile, kanti abasolwa babalekile endaweni yesigameko futhi bayafunwa. 

“Isiteshi samaphoyisa sase-Philippi East siphenya amacala okuzama ukubulala nelokuzama ukubamba inkunzi,” kusho uSwartbooi.

Esithombeni esingenhla: INgcwangi Drive e-Lower Crossroads eveyinkundla yempi kulandela ukudubulana phakathi konogada bakwaFidelity nezigebengu ebezizama ukubagebenga.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva