Owesilisa oziphilisa ngokupheka emngcwabeni

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

ULungisa Valeni uveze ukuthi ubesekhathele ukulinda amathuba emisebenzi kahulumeni, waqhamuka nesu lokuqala ukubhaka izinkwa nikupheka emngcwabeni ukuze aziphilise.

Lona wesilisa wase-Gqeberha, e-Eastern Cape usengene shi  kwezamabhizinisi.

“Ngabona ukuthi uma ngilinda amathuba omsebenzi ngeke ngiphumelele empilweni,” kusho uValeni.

Ngaphambi kokuthi aqale ukubhaka izinkwa kusukela nyakenye, wayeseqalile ukudayisa ukudla eKapa.

Kodwa ibhizinisi lakhe lokuqala lokudla libhekane nezinselelo waze wanquma ukubuyela e-Eastern Cape okube isinyathelo esiyimpumelelo.

Uhambo lukaValeni lwezamabhizinisi lwashintsha ngendlela engajwayelekile ngesikhathi enquma ukupheka emingcwabeni.

Naphezu kokubhekana nokuhlekwa ukudikibala kwabantu abaseduze kwakhe, wanamathela kulokhu akwazi kangcono.

“Ngesikhathi ngiqala ukubhaka, kukhona ababezama ukuthi ngilahle ithemba. Ngabachazela ukuthi wonke umuntu uyasithanda isinkwa sombhako, kodwa akuwona wonke umuntu owaziyo ukuthi singenziwa kanjani. Kuyafana nalokhu engikwenzayo manje. Anginawo amahloni okupheka emingcwabeni.”

Njengoba aziwa ngokudla kwakhe okumnandi nesinkwa sombhako esithambile esingadingi ngisho imajarini, uValeni wakhulisa ibhizinisi lakhe ukuze angaphekeli imingcwabo kuphela, kodwa agcine esepheka nasemshadweni yabantu.

Usibiza u-R70 isinkwa sombhako kanti izindleko zokupheka emingcwabeni noma kweminye imicimbi zincike esibalweni sabantu abaphakelayo.

“Ngezinye izikhathi ngenza amasaladi ebusuku ngigcine sengingalali ubusuku bonke. Ngivame ukuvuka ngehora lesine ekuseni.”

Umsebenzi kaValeni uyahlukahluka kuye ngezidingo zamakhasimende akhe.

Nakuba amanye amakhasimende ezithengela ukudla asuke ezokudinga, uvame ukuzithengela yonke into bese eqala ukupheka.

“Kuningi abantu abangakusho ngengikwenzayo ikakhulukazi ukupheka emingcwabeni, kodwa ngifuna bazi ukuthi baphuthelwa izinto eziningi ngesikhathi bechitha isikhathi sabo behlulela abanye abantu,” kusho uValeni.

“Ngiyawuthanda umsebenzi wami futhi ngizimisele ukuya kwezinye izindawo uma abantu bengidinga.” 

Isakhamuzi sase-Gqeberha  uMzimasi Notshizela uncome uValeni ngesibindi sakhe.

“Angisebenzi, kodwa ngeke ngiyenze lento ayenzayo,” kusho uNotshizela.

“Ngiyesaba ukuthi abantu bangathini ikakhulukazi uma kuziwa ekuphekeni nasekulaleni emzini womunye umuntu ngesikhathi somngcwabo.”

Isakhamuzi uYonela Lukhele uthe wayengakukholwa okwakwenziwa abantu bezama ukuqeda amandla kaValeni. 

“Ngesikhathi bematasa nokumehlulela, ubematasa ezakhela ikusasa lakhe. Alikho iphutha uma abesilisa bekhombisa ikhono labo ebhodweni noma ngabe kusemngcwabeni noma yimuphi omunye umcimbi,” kusho uLukhele.

Osesithombeni esingenhla: ULungisa Valeni obuye aziwe ngelika-Bae Wombhako

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva