Owesilisa ophenduke iqhawe ngemuva kokulwisana nezigebengu ngebhodlela likabhiya

Kabelo Tlhabanelo

Izigebengu ezintathu zingene endaweni enamagumbi aqashisayo zihlomile ngezibhamu nangemmese, kodwa ngemizuzu embalwa obephethe ummese ubonakale esebaleka kanti abakade bephethe izibhamu ababili bebelimele behleli phansi.

Kubukeka ngathi abazange bamelane nebhodlela likabhiya.

NgoMsombuluko ebusuku ngehora leshumi, owesilisa ubephethe ummese ehamba nomunye okade ephethe isibhamu bangena endaweni enamagumbi aqashisawo ePhazama esigodini sase-Phamong eduze kwase-Tseki, esifundazweni sase-Free State ngesikhathi abanye belinde ngaphandle begade ongase abaphazamise kulokhu abakade bekwenza.

Abasolwa bese bebambe inkunzi kabili ngalobo busuku. kade bephuma kwelinye lamagumbi  lapho abafike bathatha khona i-laptop

Kodwa ngesikhathi bengena kwelinye igumbi bafice obeqashile ezihlalele ephuza ibhodlela likabhiya. Ngesikhathi izigebengu ziqhubeka zingena egumbini lakhe uziqhubekele nokuphuza – kwaze kwaba ukuthi izigebengu ziyaphenduka zambuka.

Yilapho lo mlisa eshaye khona obephethe isibhamu ekhanda ngaleli bhodlela akade eliphuza kwalandela ukulwisana ngesibhamu.

Amaphoyisa athe ngesikhathi belwisana ngesibhamu sivele saqhuma salimaza umsolwa oyedwa.

“Ngokusobala, bekukhona umsolwa wesithathu obelinde esangweni ovele wavulela ngenhlamvu egumbini ngemuva kokuzwa umsindo wesibhamu,” kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motansti Makhele.

Ummangali okwazile ukulwisana nezigebengu waphinde waphuca isigebengu isibhamu, ube esedubula ebhekise kumsolwa wesibili  ovele wawa phansi.

Umsolwa wesithathu obephethe ummese, ubaleke ne-Laptop abayithathe egumbini lokuqala.

Uthe amaphoyisa afikile lapho okwenzeke khona isigameko bafica abasolwa ababili belimele.

Amaphoyisa ayasola ukuthi abasolwa bayabandakanyeka kwisigameko sokudubulana esenzeke kuyo leyo ndawo ngesonto eledlule ngesikhathi kudutshulwa abafundi abathathu bashona.

Abasolwa bobabili baneminyaka cishe engama-30 futhi bagadwe amaphoyisa esibhedlela ukuze bakwazi ukulashwa njengoba belimele. Bazobekwa icala lokuphanga, ukuzama ukubulala nokuphatha izibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Bazovela enkantolo yemantshi e-Tseki uma ngabe sebededeliwe esibhedlela.

Izihloko zakamuva