Dylan Bettencourt
Umlandeli we-Wales ongene enkundleni ngemuva kokubheja imali engama-R400 nabangani bakhe unikwe isigwebo sokungaphinde angene enkundleni yezemidlalo impilo yakhe yonke.
Emdlalweni obunzima kakhulu njengoba amaqembu omabili ebekubheke ngabomvu ukungenala umdlalo owandulela owamanqamu weNdebe Yomhlaba yowezi-2019, umnyakazo owenzeke ohlangothini lwesokunxele ophazamise i-Wales uphethe ngenhlekelele ngenkathi owesilisa egijimela enkundleni walimaza umnyakazo weqembu lasekhaya elihlulwe ngo-23-18 e-Principality Stadium e-Cardiff, e-Wales.
Lona wesilisa ubanjwe ngabezokuphepha bamkhiphela ngaphandle kwenkundla, kodwa ubesevele enze okwanele ukuvimba i-Wales ukuthi ithole i-try emqoka ebingase iyenze ihambe phambili ngamaphuzu ayisikhombisa.
Umqeqeshi we-Wales, uWayne Pivac, uthe lesi sigameko siphoxe kakhulu njengoba ezakhe bekungenzeka zishaye into ecokeme.
“Ngaleso sikhathi, bengizitshela ukuthi nakhu siphumelela’. Ngoba besinethuba elilodwa vo,” esho.
“Abadlali kungenzeka ukuthi baphazamisekile, kodwa akukho okuningi obekungenziwa izikhulu”.
Imenenja ye-Principality Stadium, uMark Williams, uthe baphoxekile ngokuthi isigameko esifana nalesi singenzeka ngesikhathi somdlalo obaluleke njengalona.
“Ngokusebenzisana namaphoyisa ase-South Wales sikwazile ukukhipha umhlaseli enkundleni. Lo wesilisa uzonikezwa umthetho wokuvinjelwa impilo yakhe yonke ukuthi athenge amathikithi e-WRU emicimbini yebhola lombhoxo ezoba se-Principality Stadium,” kusho uWilliams.
Njengoba besawine kanye ku-European Tour, iNingizimu Afrika izobhekana ne-Scotland kuleli sonto ngoMgqibelo bese iqeda uhambo lwayo nomsebenzi onzima lapho izobhekana ne-England mhla zingama-20 kuLwezi e-Twickenham Stadium.
Umthombo wesithombe: @SouthWalesArgus