Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
ULwando Sigaqa (31), okhubazekile ohlala emijondolo yase-Taiwan eKhayelitsha, eKapa, unovalo lokuthi ngelinye ilanga uzosha ashone uma umjondolo wakhe ungathungelwa umlilo.
Umjondolo wakhe ugcwala amanzi njalo uma lina, futhi ngenxa yokuthi ungumuntu ohamba ngesihlalo esinamasondo, udonsa kanzima ukukhipha amanzi endlini.
Nokho, okumkhathaza kakhulu umlilo: “Angikwazi ukugijima ukuze ngisindise impilo yami futhi ngingasha ngishone.”
USigaqa owakhubazeka ngemuva kokudutshulwa ngo-2014, ubelokhu ecela usizo eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu edolobheni laseKapa ukuze athole usizo.
“Sekuphele iminyaka eyisithupha ngilinde indlu.”
USigaqa uthi abantu abakhubazekile badinga ukunakwa kakhulu ukuze bathole izindlu ezifanele.
“Sidinga indawo ephephile. Uhulumeni wethu uyehluleka,” usho kanje.
UCarl Pophaim, oyi-MMC yedolobha kwezokuhlaliswa kwabantu, ukuqinisekisile ukuthi isicelo sikaSigaqa sendlu besilokhu sisohlwini lwezidingo zakhe kusukela ngoMbasa 2017 kodwa besingakakhethwa.
“Ukunikezwa izindlu kuhamba ngendlela efanele ngokuya ngezinsuku zokubhalisa kanye nokunye,” kusho uPophaim.
Osesithombeni ngenhla: ULwando Sigaqa.
Umthombo: Buziwe Nocuze