Owesilisa ohloniphekile obezithandela impilo

Ingxenye yesishiyagalombili kweyesishiyagalolunye

Sikhumbula uMaurice Mabasa owazalwa ngonyaka wezi-1972 washona ngowezi-2015

UMaurice Mabasa, owashona ngonyaka wezi-2015 ngemuva kokugencwa ngaphambi kokuba ashone eduze kwase-Olifansfontein, ubaziwa njengomuntu othanda umndeni wakhe aphinde abe nozwelo.

UMaurice ubenezingane eziyisithupha, kodwa ubondla izingane zomndeni wakhe eziyi-13, kanye nomama wakhe. Ubesebenza kahle engumshayeli oyinxusa langaphandle ePitoli, kodwa ubekwazi ukunakekela umndeni wakhe. Ubengumlandeli oqavile weqembu le-Kaizer Chiefs.

Ngesikhathi esezoshona ubesezinhlelweni zokwakhela umawakhe umuzi eMalamulele, esifundazweni sase-Limpopo. “Ubenezinhlelo. Kodwa ngemuva kokushona kwakhe, sinezinhliziyo ezibuhlungu,” kusho umfowabo uJustice. “Ubekuthanda ukuphila. Ubenabangani yonke indawo. Kusukela eMalamulele esifundazweni sase-Limpopo kuyela e-Tembisa kwisifunda saseGoli, ubengumuntu wabantu.”

Uphenyo lwamaphoyisa liveza ukubandakanyeka kukasayitsheni uRosemary Ndlovu, intombi yakhe, ekushoneni kwakhe. Lesi esinye sezigameko zokubulala ezinhlanu asolwa ukuba wazihlela kusukela ngonyaka wezi-2012 ukuze athole imali yomshwalense. Kulokhu, kwaMaurice umseshi kuthiwa  kungenzeka ukuba waqasha inkabi ukuthi imbulale – wase ethatha imali yomshwalense eyaphuma.

Umfowabo kaMaurice omncane uRonald ukhumbula eya emakhazeni ukuze abone isidumbu sikaMaurice wabona uRosemary lapho. Wayekhala kakhulu, kodwa uRonald wayesola ukuthi wayezenzisa. “Ngesikhathi sokubona isidumbu sikamfowethu emakhazeni kahulumeni ase-Germiston, uRosemary wayekhala kakhulu engabambeki,” kusho uRonald.

UJustice uthi umama kaMaurice uyena owayethinteke kakhulu ngokushona kukaMaurice. Bekunzima ukwamukela ukushona kwendodana yakhe.

Kwalandela enye inhlekelele.

URosemary kanye noMaurice bake bahlala ndawonye iminyaka emithathu, emzini wakhe e-Tembisa. UMaurice ubenengane eyodwa noRosemary – uMakhanani Mabasa, owashona ngonyaka wezi-2017, eneminyaka emibili.

Izihloko zakamuva